Izindaba

Kudingeka R90 000 wokubuyisa isidumbu soshonele eNigeria

Nonkululeko Nhlapo|Published

UCELA usizo umndeni wentokazi eshonele eNigeria, iyovakashela isinqandamathe sayo.

Umndeni wakwaVale eRamochana, ngaseRustenburg, ukhungathekile ngokudlula emhlabeni kwendodakazi yawo uPrimrose Happy Vale oshonele eNigeria, ngemuva kokuxinwa wumalaleveva.

Ngokusho komndeni, umufi (29), ongunina wengane yomfana eneminyaka engu-10 ubudala, ubehlala eKapa ngenxa yomsebenzi.

Uyise kamufi, u-Orlando Vale, uthe uRose ubevakashele eNigeria ukuyogubha usuku lwakhe lokuzalwa.

“Ubehlele ukugubha usuku lwakhe lokuzalwa nabangani,” usho kanje.

Uthe uRose ubabikele ukuthi ufike ephephile. Kodwa-ke, ngomhla ka-28 Disemba 2024, kwabikwa ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Ngokwama-video ayefakwe uPrimrose ezinkundleni zokuxhumana ngohambo lwakhe lwaseNigeria, wayebonakala ethokozile, ehamba izindawo zobumnandi, ezijuxuza kumnandi.

Umndeni ucela usizo lwemali ukuze ubuyise isidumbu sendodakazi yawo eNingizimu Afrika. Ngokwezinkampani zabangcwabi eNigeria, kubikwa ukuthi izindleko zokwenza lowo msebenzi zingadla u-R90 000. Uyise kaRose ukugcizelele ukuthi yena nomama kaRose bahola impesheni futhi abakwazi ukukhokha le mali. Ucela usizo lokuletha isidumbu ekhaya ukuze singcwatshwe.

Umfowabo kaRose, u-Valito Vale, uthe sebexhumane nehhovisi lenxusa futhi basalindele impendulo.