IIZINSALELA zeVW Polo Vivo ebihamba amaphoyisa amathathu, bezikhishwa emfuleni iHennops
Image: SAPS
UMKHUZI wamaphoyisa, uGeneral Fannie Masemola, useqinisekisile ukuthi izohlolisiswa imoto iVW Polo ebihamba amaphoyisa aduke ngeledlule kwaze kwatholakala izidumbu zawo emfuleni iHennops, eCenturion, ePitoli, ngoLwesibili.
Amaphoyisa, okungoConstable Boipelo Senoge (20), Cebekhulu Linda (24) noKeamogetswe Buys (30), anyamalale esuka eBloemfontein ngoLwesithathu olwedlule elibangise eLimpopo lapho abejutshwe khona.
NgoLwesithathu kutholakale ubhampa wePolo kwathi izolo abatshuzi bayikhipha ngokuphelele imoto.
AMAPHOYISA amathathu atholwe efile, uConstable Boipelo Senoge, Cebekhulu Linda noKeamogetswe Buys
Image: SAPS
UMasemola uthe yize engeyena ungoti kodwa ngokubuka kwakhe imoto sengathi igingqikile yaphonseka emfuleni. Nokho uthe bazoyekela uphenyo kube yilo olushoyo.
Ugcizelele ukuthi akulindwe uphenyo ngesikhathi ebuzwa ngabakholwa wukuthi kungenzeka ukuthi amaphoyisa alinyazwe kwenye indawo izidumbu zase zilahlwa emfuleni ngenxa yamacala obekungenzeka ukuthi ayawasebenza.
“Asinike uphenyo indawo singaphrofethi. Asivumele uphenyo luqhubeke. Abaphenyi balethwe endaweni yesigameko ngenxa yobuchwepheshe okusho ukuthi imoto ike yafika la. Ngenhla komgwaqo kunekhamera esikhombise imoto yehla. Ngeke siphike lutho kodwa futhi asikwazi ukusho ngqo ukuthi nakhu okwenzekie. Asiyekele uphenyo,” kusho uMasemola.
Uphinde wacacisa ngezinye izidumbu ezimbili ezitholakale kuwo lo mfula wathi azitholakalanga endaweni efanayo. Ezitholakele ngesolungisa ingadi esiteshini iLyttleton nomabhalane wakhona.
Uthe amaphoyisa ngesikhathi ebheka emfuleni ngakuN14 Ben Schoeman Highway athole imoto yakwaRenault ngoMsombuluko obekungeyolungisa ingadi hhayi lapho kutholakale khona izidumbu zamaphoyisa.
Uthe umufi ubehlala budebuduze nendawo yesigameko. Esinye isidumbu sitholakale kolunye uhlangothi. UMengameli Cyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe.
Related Topics: