Kuvela ukuthi umufi, uNksz Sinethemba Jiyane (38), utholakale esezilengisile egumbini lakhe lokulala. Udadewabo kamufi, uNksz Xoliswa Jiyane, uthe bebekade belindele ukufika kwabakhongi, abebezothunywa "umkhwenyana", uMnuz Zolani Chonco waKwaMaphumulo, ngempelasonto.
Image: sigciniwe
UDIDEKILE futhi ushaqekile umndeni wowesifazane waseNgwavuma, okuthiwa uzikhungile ngemuva kokuba abakhongi bengazange balubhade kubo njengokwesethembiso sesoka.
Kuvela ukuthi umufi, uNksz Sinethemba Jiyane (38), utholakale esezilengisile egumbini lakhe lokulala. Udadewabo kamufi, uNksz Xoliswa Jiyane, uthe bebekade belindele ukufika kwabakhongi, abebezothunywa "umkhwenyana", uMnuz Zolani Chonco waKwaMaphumulo, ngempelasonto.
Uthe kodwa lokhu akubange kusenzeka ngemuva kokuba umkhwenyana ethole ngomzuzu wokugcina ukuthi umufi uyajola emsebenzini nomunye uzakwabo esikoleni afundisa kusona.
Eqhuba, uthe njengomndeni bathole esezihilele umufi ukuthi uthole lezi zindaba isoka, langabe lisabathumela abakhongi.
''Sibalinde kwaze kwaphela usuku, abakhongi lutho ukufika ngoMgqibelo. Udadewethu selokhu ngazalwa angikaze ngimbone enjeya. Ubekhala engathuli. Ebusuku ngihlale naye elokhu ebalisa ngokuthi isoka lidlale ngaye,'' usho kanje.
Uthe ngakusasa ngeSonto ekuseni, isoka lishayele ucingo umufi lamtshela ukuthi makacele uthisha lo ajola naye esikoleni ukuthi akaye komlobola.
''Udadewethu ube esegonyuluka kimina wavuma nokuthi uyathandana nalo thisha. Uthe kodwa akazi ukuthi le ndaba ifinyelele kanjani 'kumkhenyana' obezofika ezolobola,'' usho kanje.
NgoMsombuluko ekuseni, uthe uqaphelile uma kushaya u-10 ekuseni engavukile umufi ukuthi kukhona okungahambi kahle ngoba nguyena muntu osheshe avuke kwabo.
''Ngibe sengiya egumbini lakhe ngamfica eselenga,'' usho kanje ekhala.
Uthe ngemuva kwalokho, ubatshelile abazali bakhe ukuthi kwenzekeni nokuthi kungani abakhongi begcine bengafikanga.
Wenqabile ukudalula igama lesikole umufi abekade efundisa kusona, wathi akaboni ukuthi lokho kubaluleke ngani.
Uveze ukuthi isimo sibi kunina kamufi ngoba akasadli futhi uyehluleka ukwamukela isimo esehlile emndenini sokushona kwendodakazi yakhe.
Isolezwe limthintile uChonco wavuma ukuthi ukuhoxisile ukuthumela abakhongi.
Uthe ubengeke athumele abakhongi kubo kamuntu ongaziphethe kahle.
''Wena ke mfowethu ubungaqhubeka yini uyolobola emva kokuba sewuthole le nto mina engiyitholile? Phendula ndoda ngiyabuza?'' kusho uChonco entathelini kuzwakala ukuthi uphoxekile futhi udidekile.
Uzwakale ethuka uma intatheli imbuza ukuthi usezwile yini ukuthi lokhu kumphathe kabi lo wesifazane wase ezihilela.
"Hayibo ndoda! Unamanga, ungayisho leyo nto. Angayenza yini leyo nto? Kade phela abantu bakubo bengishayela ucingo nabo ngibaziba,'' usho kanje evala ucingo engasavalelisanga.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, engaphendulanga emibuzweni athunyelelwe yona.
Related Topics: