Uyavela obanjwe emba amathuna ekhipha amathambo abantu abangasekho.
Image: Facebook
UMSOLWA oneminyaka engu-29 ubudala kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMasoyi ngemuva kokuboshwa ngesikhathi amaphoyisa emthola ilele embhedeni eduze kwamathambo okukholakala ukuthi abekhishwe emathuneni.
Umsolwa uboshwe ngoMsombuluko ngemuva kokuthi amaphoyisa alandele umbiko awutholile mayelana nokumbiwa kwamathuna aseSwalala, eMasoyi, ngaseWhite River.
Ngokusho kwamaphoyisa, ngezithuba zabo-13:30 ngoMsombuluko owesifazane ungene esiteshini samaphoyisa eMasoyi ezobika ukuthi kunowesilisa ombe amathuna amabili.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrig Donald Mdhluli uthe amathuna ahlonzwa ngelikayise kanye nomkhulu kamsolwa, abangcwatshwa ngo-2010.
“Amaphoyisa aseMasoyi asamukele isikhalo aqala uphenyo, ngesikhathi efika emathuneni aqinisekisile ukuthi amathuna aphazamisekile. Amaphoyisa anikele kumsolwa lapho ahlala khona eSwalala, amthola elele embhedeni wakhe namathambo okukholakala ukuthi yilawa awambe emathuneni eseduze kwakhe,” kusho uMdhluli.
Umsolwa ubhekene necala lokuphazamisa amathuna.