UMMELI woMkhonto weSizwe (MK Party), u-Advocate Dali Mpofu SC, uthe umbango wokubhaliswa kwaleli qembu udalwa wukuthi i-ANC isaba owayengumengameli, uMnuz uJacob Zuma, embona njengengozi kuyona.
UMpofu usho lokhu enza izethulo eNkantolo yezoKhetho eBloemfontein, eFree State. I-ANC imangalele uMkhonto weSizwe nenhlangano yezokhetho i-IEC ngokubhaliswa kwaleli qembu elisha.
Mabili amacala asenkantolo elokubhaliswa kweqembu bese kuba elombango wophawu lona elizongena eNkantolo eNkulu eThekwini, ngesonto elizayo ngoLwesithathu.
UKhongolose ukhala ngokuthi i-IEC yabheda ngokuvumela ukubhaliswa kweMK ekubeni izibiza ngegama lombutho wawo wezempi. I-ANC yasifaka isikhalo kwi-IEC kodwa yachithwa yase ifaka udaba enkantolo.
UMkhonto weSizwe kwakuwumbutho wezempi we-ANC owasungulwa ngo-1961 wahlakazwa ngo-1993, sekungenwa embusweni wentando yeningi.
UZuma umemezele ngoDisemba, ukuthi akayingeni eye-ANC kodwa usehamba noMkhonto weSizwe azowukhankasela aphinde awuvotele. UMpofu uthe yisona kanye lesi simemezelo esidale wonke lo msindo, kungenjalo ngabe awukho.
“Kuwukudlala ngenkantolo nje lokhu abakwenzayo. Ngesikhathi bechithwe yi-IEC basemukela leso sinqumo bahlala bakhetha ukungasiphoseli inselelo. Bavuke sebephaphatheka emuva kokuthi uZuma ememezele ukuthi weseka uMkhonto weSizwe ngoDisemba,’’ kusho uMpofu.
Uthe kuyihlaya ukuthi i-ANC uma ibuzwa ngezizathu zokuthatha isikhathi eside, ithi yingoba kwakungamaholidi kaDisemba. Uthe i-ANC kufanele iphumele obala itshele inkantolo ukuthi yesaba uZuma.
UMpofu uthe kudlalwa ipolitiki nje, asikho esinye isizathu esenza ukuthi lolu daba lubangwe kangaka. Uthe njengamanje i-ANC iqhamuka ngejubane icela inkantolo ichithe ukubhaliswa kweqembu iphinde ibanabukelise ngokusindwa yizinyawo kwabo.
Ummeli we-ANC, u-Adv Tshidiso Ramogale, uthe bafuna inkantolo ivune bona ukuze i-IEC izolungisa iphutha yenzele nangomuso ukuthi ukhetho lusingathwe kahle.
“Kufanele ikhomishini yokhetho icathuliswe kulolu daba ngoba ithi ike yenza okufanayo kwamanye amaqembu amathathu noma amane eyenze ngawo izibonelo. Kufanele siyilungise ngoba siyobe silungisela nokhetho oluzayo komasipala, ezifundazweni nakwezinye zindawo,’’ kusho uRamogale.
Amajaji athe isinqumo sigodliwe sekuyokwaziswa amaqembu ukuthi sizokhishwa nini. UZuma ubonakale enkantolo namalungu oMkhonto weSizwe. Ithimba le-ANC beliholwa wuNobhala-Jikelele, uMnuz Fikile Mbalula.