UMNDENI wendoda yaseMpangeni, okuthiwa ingcwatshwe yintombi umkayo engazi, ususabise ngokuthi lolu daba uzoluyisa enkantolo ngesonto elizayo.
Kuvela ukuthi umufi uMnuz Bhekithemba Thusi (62) ungcwatshwe eSonyongwane, eMzimkhulu, kubo kwentombi, uNksz Sindisiwe Ngcongo (36).
Kuthiwa umufi ubesebenzela eGoli kodwa esejwayele ukubuya ayohlala nentombi eMzimkhulu. Ekhaya kuthiwa imali ubeyithumela.
Kuvela ukuthi umufi nentombi bese bethandane isikhathi eside, kodwa bengenayo ingane.
UNkk Nozuzile Thusi (58) obegane umufi, uthe angeke athule kugxotshwa ilungelo lakhe.
Utshele Isolezwe ukuthi sekunesikhathi eside azi ngomjolo womyeni wakhe nentombi.
Uveze ukuthi kunesikhathi lapho umufi acela khona ukuthi abe nesithembu, kodwa yena washaya phansi ngonyawo.
Uthe unezingane ezimbili zabafana nomufi. Eyokuqala ineminyaka engu-28, eyesibli ineminyaka engu-24.
"Iyangicasula le nto eyenziwe yile ntombazane. Ukuthi bengazi ngobudlelwano bayo nomyeni wami, akuchazi ukuthi yenze le nto embi kangaka,'' echaza.
Uthe ushayelwe ucingo intombi ngeSonto, imazisa ukuthi umyeni uxinwe wukugula washona base bemfihla khona eMzimkhulu. Uthe ngoMsombuluko unikele eMzimkhulu.
Uthe ubengakwazi nalapho okuhlala khona intombi kodwa uguduze waze wafika esizwa ngowesilisa obesebenza nomyeni obekwazi.
“Ngithe uma ngingena egcekeni ngakhangwa yintombi ifake izingubo ezimnyama. Ngayibuza ukuthi imzilela kanjani umuntu engamganile?” echaza.
Uthi intombi ivele yanxapha yase ithi akamlandele amkhombise ithuna okufihlwe khona umyeni wakhe.
"Ngizwe zehla izinyembezi ngabona ukuthi impela ngiyalingwa. Ngivele ngalibuka ngase ngiyahamba. Ngiwakhuzile amadodana ami esesho ukumqeda lo wesifazane,'' echaza.
Indodana endala, uMnuz Scebi Thusi, ithe angeke bande ngalolu daba, kuyolamula inkantolo.
Ithintwa intombi, ithe yona inelungelo eligcwele lokufihla umufi.
"Bese ngihlale nale ndoda iminyaka eyisikhombisa. Yiyona futhi okuthe uma seyigula yangicela ukuba ngiyingcwabe lapha ekhaya,'' isho kanje yavala ucingo.
Khonamanjalo: Umndeni wakwaZungu eMahlabathini, oLundi, ukhala esifanayo, ngomasihlalisane okuthiwa ungcwabe owesilisa eFree State, ngoMgqibelo, engagunyaziwe.
UNkk Simangele Zungu (62) ukhala ngesihluku asenziwe owesifazane athe umyeni wakhe, uMnuz James Zungu (64), ubesenezingane ezimbili naye nazo asanda kuthola ngazo.
Uthe bekungakapholi maseko bethole ngezingane ngesikhathi eyodwa yazo ibabikela ngo-Ephreli 30, ukuthi uyise uyagula, akasakwazi nokukhuluma.
"Sithe sisamangazwe yilokho, sithi sizokwenza izaba zokuya khona, yaphinde yathi useshonile ezintatha zangoMeyi 1.
“Izingane zami ezintathu zinikele khona ngenhloso yokuthi zibuye nesidumbu sakhe kodwa zahlangabezana nezingqinamba, bengafuni ukudedela isidumbu," kusho uNkk Zungu.
Uthi baqale babeka izaba zokuthi kukhokhwe uR11 000 emakhazeni ayesefakwe kuwo uZungu, nokuthe izingane zikaNkk Zungu sezilungiselela ukuwukhokha, zahlaselwa yiqulu elalihamba nomasihlalisane kamyeni wakhe, lizovimba.
"Kulona kwakukhona nababephethe izibhamu, izingane zami zaphuma ngesamagundane," echaza.
Uthe ufisa ukuthola usizo lwabameli abangammela enkantolo enkulu, alwe olokungcwatshwa kukamyeni, eFree State.
"Ngize ngaya eMnyangweni wezaseKhaya ngiyobhekisisa ukuthi ngabe kuthiwa wafaka isehlukaniso yini umyeni wami.
“Ngafica ukuthi ngisewuye unkosikazi wakhe futhi yimi ngedwa obhalwe phansi ngokusemthethweni," usho kanje.
Uveze ukuthi umyeni wakhe ubesabuya ekhaya njengenjwayelo uma kungamaholidi futhi bekuthi uma kunemicimbi yesizulu okufanele igcinwe ekhaya, abekhona, bekhuluma nasocingweni.
UNksz Slindile Melanu obengumasihlalisane ucele ukuthi athunyelelwe umyalezo ocingweni angazange awuphendule. Nocingo ubengasalupheduli.
Ummeli uMpumelelo Zikalala uthe intombi kayivumelekile ukungcwaba umuntu engashadile naye, wathi isixazululo salokhu kuba incwadi yefa eshiywa ngumufi.
Uthe umufi uma ekubhalile ukuthi ufisa ukufihlwa yintombi, lokho kungenzeka.
Udalule ukuthi kulandelwa lokho okuyizifiso zikamufi, kodwa kulolu daba umama oshadile kulula ukuthi udaba aluyise enkantolo alunqobe.
Uthe kodwa inkantolo imvamisa ithatha isikhathi eside ngaphambi kokuba ikhiphe isinqumo ngodaba olufuze lolu.