XOLILE MPISANE
AMAQEMBU amahlanu aseNingizimu Afrika, azothola elinye ithuba lokuzwana amandla namaqembu aphesheya emiqhudelwaneni emibili ezoqala ngasekupheleni konyaka.
Ngemuva kokushiya umqhudelwano weSuper Rugby lapho ayedudulana khona nawaseNew Zealand, Australia, Japan nase-Argentina, amaqembu akuleli iCell C Sharks, Vodacom Bulls, DHL Stormers ne-Emirates Lions angene kwi-United Rugby Championship (URC) eqale ngonyaka odlule.
Kulo mqhudelwano abebhekene namaqembu aqhamuka emazweni ase-Europe, Wales, Italy, Scotland ne-Ireland.
Akhombisile ukuthi aqine ngokwanele njengoba amathathu, iStormers, Bulls neSharks, wonke eqede kwiTop 8, adlulela kuma-quarterfinal.
Akugcinanga lapho kodwa iStormers neBulls badlulela kowamanqamu, isicoco sathathwa yiqembu laseKapa.
Ukuqeda kwi-Top 8 kwi-URC kufake iStormers, Bulls neSharks kwiHeineken Champion Cup, lapho bezoqhudelana khona namaqembu ayisishiyagalombili aqhwakele kwiligi yase-England, iGallagher Premiership, namanye ayisishiyagalombili aphuma kwiligi yaseFrance, iTOP 14.
Amaqembu afakwe emaqoqweni amabili, uPool A noPool B, kodwa iqembu ngalinye lizodlala namabili kuphela eqoqweni lawo, ekhaya nasekuhambeni. Azohlanganisa amaphuzu amaningi azodlulela kweyomkhumulajezi kwi-Last 16.
ISharks efakwe kuPool A, izobhekana ne-Union Bordeaux-Bègles yaseFrance neHarlequins yase-England. IBulls nayo ikuPool A, izodudulana neLyon yaseFrance ne-Exeter Chiefs yase-England.
Ompetha be-URC, iStormers, bakuPool C lapho beqhathwe khona ne-ASM Clermont Auvergne yaseFrance neLondon Irish yase-England.
Nakuba i-Emirates Lions iqede endaweni ka-12 kwi-log ye-URC, ikwazile ukuzibekisela indawo komunye umqhudelwano, i-Challenge Cup, ezowungenela neToyota Cheetahs.
ILions izodlala neStade Francais Paris neWorcester Warriors kuPool B, iCheetahs ibhekane neScarlets neSection Paloise eqoqweni elilodwa.
Le midlalo izoqala ngoDisemba, nonyaka, kuthi owamanqamu udlalwe ngoMeyi wonyaka ozayo. Izinsuku eziqondile nezinkundla okuzodlalelwa kuzona zizoqinisekiswa ngokuhamba kwesikhathi.
2022/23 Heineken Champions Cup
Pool A: Castres Olympique, Saracens, Vodacom Bulls, Union Bordeaux-Bègles, Harlequins, Leinster Rugby, Racing 92, Gloucester Rugby, Cell C Sharks, Lyon, Exeter Chiefs, Edinburgh Rugby
Pool B: Montpellier Hérault Rugby, Leicester Tigers, DHL Stormers, Stade Toulousain, Northampton Saints, Ulster Rugby, Stade Rochelais, Sale Sharks, Munster Rugby, ASM Clermont Auvergne, London Irish, Ospreys
2022/23 EPCR Challenge Cup
Pool A: Glasgow Warriors, RC Toulon, Bristol Bears, Connacht Rugby, Cardiff Rugby, Newcastle Falcons, CA Brive, Zebre Parma, USAP, Bath,
Pool B: Scarlets, Section Paloise, Wasps, Emirates Lions, Benetton Rugby, Stade Français Paris, Worcester Warriors, Aviron Bayonnais, Toyota Cheetahs