KUSHODA kwabasebenzi ezikhungweni ezamukela izingcingo uma abantu beshayela inombolo u- 10111eziteshini zamaphoyisa, kuchazwe njengengwadla umphakathi obhekana nayo uma kumele ubike noma umpimpe abathile ngamacala asuke enzeka njengoba izingcingo kugcina sekuthatha isikhathi eside ukuthi ziphendulwe.
Ephendula umbuzo we-DA ePhalamende ngesonto eledlule mayelana nezikhala zomsebenzi ezingavaliwe kulezi zikhungo, uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, uthe u-41,31% wabasebenzi abakhona ezikhungweni abenza lo msebenzi, okuchaza ukuthi izikhala ezingu- 58,69% zasala zingavaliwe.
Esitatimendeni esithunyelwe yi-DA, leli qembu lithe isibalo esikhulu ngalolu hlobo sezikhala ezingavaliwe, sikhombisa ukuhluleka kukaCele.
“Lezi zibalo zikhombisa ukuthi ungqongqoshe akawugqizi qakala umsebenzi wakhe wokuqinisekisa ukuthi abasebenzi benele kulesi sikhungo esiwuhlaka olubalulekile emphakathini kwazise yilona olwamukela izingcingo uma abagilwa befuna usizo ngokushesha,” kubhalwe kanje,
Kuvele ukuthi zingu- 2.34 million izingcingo ezingene kulezi zikhungo zangamukelwa ezinye zavalwa ngaphambi kokuthi oshaya ucingo adlulise umbiko, okwenzeke ngonyakamali owedlule u-2022/2023. Lokhu kwenza kube u-61,59% kuphela wezingcingo ezamukelwe kulezi zikhungo kuzwelonke, ngonyakamali ofanayo.
Echaza ngalokhu, uCele uthe lesi sibalo sisuselwe ezintweni ezimbalwa okungaba ukufoneleka kwale nombolo ngephutha, ukufona udlulise umbiko ongekho okhohlisayo nokunye, noma kunjalo i-DA ikhale ngokuthi lesi yisibalo esiphezulu.
UNobhala-jikelele womfelandawonye wezinyunyana, iSouth African Federation of Trade Union uMnuz Zwelinzima Vavi, uthe siyakhathaza isibalo sezikhala zomsebenzi kulesi sikhungo ezingavaliwe.
“Kumele sikuqonde ukuthi abantu abafoneli kulezi zikhungo ngoba befuna ukudlala nje, kodwa kungenxa yokuthi basuke besesimeni esidinga ezokuphepha ngokushesha noma behlaselwe yizigebengu. Uma kubhekwa imininingwane emenyezelwe uCele, kuyakhombisa ukuthi asikho isikhungo salolu hlobo esisebenza ngokugcwele,” usho kanje.
Izifundazwe i-KwaZulu-Natal, i-Free State, i-Mpumalanga ne-Eastern Cape kuthiwa zinesibalo esingu- 60% sabangaqashiwe kulesi sikhungo. Izikhungo ezise-Queensburg e-Eastern Cape neziseSecunda eMpumalanga zinabasebenzi abangu- 8,2 % no- 14,2% ngokwahlukana.