OWABHALISA iqembu uMkhonto weSizwe (MK), uMnuz Jabulani Khumalo umangalele i-IEC afuna ihoxise owayengumengameli uJacob Zuma kwesokuhola nokumela iqembu.
UKhumalo noZuma babengamathe nolimi kodwa manje sebeyinkukhu nempaka emuva kwengxabano. UZuma ngoDisemba nyakenye umemezele ukuthi weseka i-MK uzoyikhankasela ayivotele.
Isolezwe lixoxe nommeli kaKhumalo, u-Advocate Mfesane Ka-Siboto oqinisekisile ukuthi usezinhlelweni zokufaka amaphepha enkantolo. UKa-Sibotho uthe uKhumalo ukubeke kwacaca ukuthi umangalela i-IEC.
UKhumalo ubethumelele i-IEC incwadi ethi ayikhiphe uZuma ibuyisele yena njengomholi kungenjalo uya enkantolo. Abe-IEC abayiphendulanga incwadi nokulandelwe wukuthi uKhumalo alufake enkantolo udaba.
UKa-Sibotho uthe sebeyohlangana enkantolo lapho beyochaza kahle konke.
“Sibathumelele incwadi bangayiphendula, manje udaba sizolufaka eNkantolo yezoKhetho kube iyona enqumayo. Sizowafaka maduze nje amaphepha enkantolo,’’ kusho uKa-Sibotho.
UKhumalo akeneme ngokuxoshwa kwakhe eqenjini ukhala ngokuthi akukho emthethweni futhi wuyena umholi weqembu hhayi uZuma.
UKhumalo ethintwa ngalolu daba akavumanga, akaphikanga ukuthi ubopha i-IEC kodwa uthe uzokhuluma ngesikhathi esifanele ngakho konke okwezekayo.
Okhulumela i-MK uMnuz Nhlamulo Ndlhela, uthe abanandaba noKhumalo ngisho angenzani akuthi shu. UNdlhela uthe uKhumalo uxoshiwe akujiki lokho.
Kwenzeka konke lokhu nje kulindeleke ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo ngodaba oluphakathi kwe-IEC ne-MK. I-IEC yanquma ukuthi uZuma akafanelwe ukuba sohlwini lwabaya ePhalemende ngoba walahlwa ngecala wagwetshwa.
UZuma ne-MK balusa enkantolo udaba bafika balunqoba kodwa i-IEC yalwedlulisa ingenelisekile ngesinqumo. Udaba lungenile enkantolo ngesonto eledlule kodwa isinqumo sagodlwa.
NgoMsombuluko inkantolo ithumelele umyalelo kuzozonke izinhlangothi ukuthi zithi ukwenaba ngezethulo ezithinta isikhulu se-IEC, uJanet Love, esaphawula ngalolu daba kwabezindaba.
I-MK isiphume ingena ezinkantolo kaningi inqoba njengoba yamangalelwa yi-ANC ngokusebenzisa igama loMkhonto weSizwe. I-MK yalunqoba udaba lombango wegama, kwangenwa ecaleni lombango wophawu yalunqoba futhi.
Manje kubangwa udaba lokuthi uZuma ufanelwe yini ukuya ePhalamende noma cha.