ABASHAYELI bamatekisi bathi ukugujwa koSuku lwaBasebenzi kufana nosizi kubona ngoba lubakhumbuza ukuthi basebenza baze babhashe kodwa bengenayo imihlomulo efana neyabanye abasebenzi.
NgoLwesithathu, elakuleli beligubha uSuku lwaBasebenzi lapho kubungazwa nempumelelo ngokulwelwa kwamalungelo abasebenzi nenhlalakahle emsebenzini.
Umshayeli wamatekisi uMnuz Mbuso Ndimande oshayela emzileni waseMhlanga, eThekwini ohambela izindawo ezifana neGateway neDurban North, ekhuluma neSolezwe, uthe ngokokusebenza abakwazi uklugubha lolu suku.
“Lolu suku silugubha ngenhliziyo ngoba asinazo izinsuku zokuphumula. Uma uthole usuku lokuphumula ufana nomuntu ozihlalele ongenalutho. Ngakho-ke usuku lona ungalugubha kodwa ulugubha uhleli kanje emsebenzini akukho lapho kuthiwa khona hamba uyophumula. Sesize sakuvumela ngoba yisimo sempilo ephilwa kule mboni,” kusho uNdimande.
UMnuz Sizwe Mchunu, naye oshayela emzileni ofana nokaNdimande, uthe uSuku lwaBasebenzi lubalulekile kakhulu ngoba abasebenzi bathola imihlomulo uma besebenza ngalo, kodwa embonini yamatekisi ayibonwa.
“Ngeshwa kule mboni yethu siyasebenza kodwa asikakabi nayo imihlomulo. Imboni yethu yamatekisi isasemuva kakhulu futhi kusekuningi okudinga ukuthi kulungiswe nohulumeni asibhekele kulokhu esikudingayo. Njengoba sisebenza nje, ngokomthetho obhaliwe kufanele ngabe kukhona esikutholayo njengoba sisebenza ngeholidi kodwa sizothola imali ejwayelekile noma kuyiholidi,” kubeka uMchunu.