UMA ubona umculi wokholo, uBucy Radebe, emamatheka esteji nasezingxoxweni aba nazo nabemithombo yezindaba, ungaze uzitshele ukuthi konke kumhambela kahle empilweni. Ungaze ufise ukuba nguye kanti akunjengoba ucabanga. Uyaziqinisa.
UBucy yintokazi ezakhele udumo ngengoma ethi Uze Uyigcine Impilo Yami. Ekhuluma kwi-Omega Podcast (Spirit of Praise Network), uBucy uthe uke wazama ukuzibulala ngokuzizikiza imithambo yengalo ngesikele ngoba esekhathele ubuhlungu obuqaqamba enhliziyweni. UBucy uthe ayikho into emphatha kabi njengokungabatholi abantwana.
Uthe yingakho uRebecca Malope eyiqhawe lakhe ngenxa yokuthi wakwazi ukubhekana nobuhlungu bokungabatholi abantwana.
"Ubhekene nobuhlungu engihlale ngibhekana nabo zinsuku zonke. Ngangizibuza ukuthi yena wenza kanjani. Ngizitshela ukuthi uma yena akwazi ukumelana nalobu buhlungu kusho ukuthi nami ngizogcina ngikwazile." UBucy uthe kubuhlungu ukubizwa ngogogo yingane yomshana wakho ekubeni ungasiye umama. "Akekho okubiza ngomama. NgoSuku loMama akekho kuwe othi 'Happy Mother's Day." Kuba buhlungu uma usenxanxatheleni yezitolo ubona owesifazane okhulelwe noma ubona umama egone ingane yakhe ekubeni wena wazi ukuthi awusoze wakwenza lokho. Abantu bahlale bethi 'kuzodlula'. Awukwazi ukukhohlwa yinto ohlale ubhekene nayo imihla namalanga."
Uthe ukhulele ekhaya lapho unina abehlukunyezwa khona nguyise kangangoba wake wamshaya ngisho encelisa ingane. Ngo-2020 nango-2021 uBucy uke wabangwa nezibi futhi wahlinzwa kwaze kwaba kathathu. Kulokhu kulashwa kwakhe wazithola esenomuzwa wokuba yisalukazi ngoba wayengasakwazi ukuya esikhathini nokuma isikhathi eside esteji.
Uthe lokho kwadalwa yiphutha elenziwa ngudokotela owamsusa amapayipi esibelethweni ngendlela engafanele.
"Abantu bahlale bengibuza ukuthi ngalinyazwa yini engalweni. Abazi ukuthi ngangifuna ukuzibulala ngenxa yokhwantalala lokuthi ayikho into engiyiphilelayo ekubeni senginje futhi ngingabatholi nabantwana ngenxa yephutha lomuntu." Uthe waqala ngokuphuza amaphilisi ayezomdaka ukuze azibulale kahle. "Ngafonela wonke umuntu engimaziyo, ngivalelisa kubo."
Uthe ngesikhathi egula ngapha futhi esemoshe imali ebalelwa kuR250 000, kwakwembulwa kwembeswa kunina egunjini labagula kakhulu esibhedlela. Kwenzeka konke lokhu unomcimbi wokuqopha iDVD yakhe.