UZOBHALISA kwiNHI emtholampilo, kudokotela noma esibhedlela esinenkontileka ne-NHI uma uqala ukuya khona, ngemuva kwalokho ngeke kudingeke ukuthi ubhalise, uma uya kunoma yimuphi omunye umtholampilo, udokotela noma esibhedlela ngoba amarekhodi akho azobe esetholakala kubo bonke abahlinzeka ngezempilo abanenkontileka.
Ngabe abantu bazokwazi ukusebenzisa izinsiza abazithandayo?
Yebo. Abantu bazokwazi ukuthola odokotela abanenkontileka ye-NHI, emitholampilo noma izibhedlela eziseduze nabo, kungakhathaleki ukuthi ezikahulumeni noma ezizimele.
Yiziphi izinsiza ezizohlinzekwa ngaphansi kwe-NHI?
I-NHI izokhava inzuzo yosizo lwezempilo oluphelele ezikhungweni zezempilo ezinenkontileka ye-NHI zikahulumeni nezizimele.
Ama-Medical Aid ngeke avumeleke ukuthi akhave inzuzo ekhavwe iNHI uma isiqalile ukusebenza kodwa izibhedlela ezizimele zizoqhubeka zibe khona.Uma zisize iziguli zizokhokhelwa iNHI njengoba kwenza ama-mediacal aid njengamanje. Ayisezukubakhona imali okumele ikhokhwe isiguli eceleni ebizwa ngama-levy nama co-payments.