NOKUBONGWA PHENYANE
USEPHUMELE obala uthisha wesikole iNjabulo Senior Secondary eMkhomazi othi waxoshwa kulesi sikole nguthishanhloko emuva kokumkhuza ngokuhlukumeza ngokocansi izingane zamantombazane.
UNkk Phumaphi Nzuza uthe sekuphele iminyaka emihlanu ebhuquza ekhaya emuva kokuxoshwa ngumphathi wakhe okumanje ubhekene namacala okudlwengula nokuhlukumeza ngokocansi abafundi besikole sakhe.
Umsolwa uzobuyela enkantolo ngoMsombuluko ezofaka isicelo sebheyili emuva kokuvela ngoLwesithathu okokuqala wagqunywa ezitokisini.
UNkk Nzuza uthe ngemuva kokuxoshwa kwavaleka yonke imali yakhe njengoba esephila ngokusizwa ngabangani bakhe.
“Ngiyabona ukuthi ngazonela ngo 2006 efika kulesi sikole ngimtshela ngemuva kokuzwa izindaba zokuthi kukhona ingane ekhulelwe esikoleni okwakusolwa ukuthi ikhuleliswe nguye,” kusho uNkk Nzuza.
Uthe ngenxa yokuthi ubemjwayele kakhulu umsolwa futhi engumuntu okhululekile wabona kungcono ukuthi amqonde kunokuthi ezwe izinto ezimbi ngaye.
“Ngambuza waphika futhi wangakhombisa ukuthi uphatheka kabi ngalolu daba engimbuza lona. Ngelinye ilanga sekuphuma isikole ngangena kwelinye ikilasi ngakhuza izingane ezazibanga umsindo ngagcina ngokuthi ngishaye enye yazo ngomunwe ekhanda,” kusho uNkk Nzuza.
Uthe kwathi uma efika esikoleni ngakusasa wafika eselindwe wuthishanhloko nomzali wengane ayishaya ngomunwe bekhala ngokuthi ingane ayilalanga iphethwe yikhanda emva kokushaywa.
“Ngamangala, ngabe sengibizelwa isigungu sabazali esagcina sivumelene ngokuthi icala anginalo,” kusho yena.
Uthe ngemuva kwalokho wathola incwadi ivela kuthishanhloko imtshela ukuthi akahambe aye kwesinye isikole.
Uthe waya kwesinye isikole okuthiwa yiGoli Secondary kodwa engasaphili nakahle ngenxa yalesi simo waphoqeka ukuthi athathe ikhefu.
Uveza ukuthi esekulona ikhefu wathola incwadi yokuxoshwa ngoba kuthiwa akakaze abike ukuthi uyagula. Uthe manje njengoba iqiniso selivele obala angajabula kakhulu uma ebuyela emsebenzini wakhe ukuze aqale impilo kabusha afundise nezingane zakhe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi uthe bazolinda ubufakazi obusha obuzoqhamuka.
“Miningi imibandela elandelwayo uma umuntu exoshwa. Singumnyango sizobheka ukuthi ngesikhathi kuxoshwa uthisha kukhona yini akwenza okwaba yimbangela yokuxoshwa kwakhe,” kusho uMahlambi.