KUDLA lubi ukusetshenziswa kwesidakamizwa i-Cocaine, edume ngentashi emalokishini, okuthiwa imvamisa ibhenywa omacaphunakusale ngenxa yokumba kwayo eqolo.
Umqondisi wenhlangano elwa nokusetshenziswa kwezidakamizwa i-South African National Council on Alcoholism and Drug Dependence, eThekwini, uNkk Fathima Hussain ekhuluma ne-SABC, uthe ukusetshenziswa kwalolu hlobo lwesidakamizwa kwenyuke cishe ngo-32% ngonyakamali odlule.
Ukusho lokhu emva kokuthi ngoLwesibili, amaphoyisa ophiko loKlebe evundulule inqwaba yalolu hlobo lwesidakamizwa okuthiwa singabiza u-R15 million emkhunjini obusechwebeni eliseRichards Bay.
UMnuz Mbongiseni Msomi owumsunguli wenhlangano eluleka asebeyimulutha yezidakamizwa abafisa ukuphuma kuzo, iLaqhakaza Iphara Recovery Organization engxoxweni neSolezwe, uthe iningi labasuke bezocela usizo, abavela ezindaweni ezakhelene nedolobha iTheku abalule kuzona i-Durban North okuyindawo ehlala abantu abanemali.
“Lolu hlobo lwesidakamizwa sisetshenziswa abantu ababukeka benemali futhi iningi labo abafundile. Isikhwanyana esincane esenela inkinobho yehembe, ngo-2019 ngigcina ukusibona, besibiza u-R500, cishe sesikhuphuke kakhulu manje. Imvamisa abantu abafika bezofuna usizo, basuke sebenenkinga yemali, omunye esecwile ezikweletini ngendlela emangalisayo, njengoba uma sesikungene kahle egazini ungasibhema noma ikathathu ngosuku,” usho kanje.
Uthe abazisebenzisayo akulula ukuthi babonakale njengoba iningi lapho lingabantu ababukeka bephumelele, abagqoka kahle futhi abahloniphekile ngenxa yemisebenzi abayenzayo noma iqhaza abanalo emphakathini. Uveze ukuthi osomabhizinisi abadlondlobele nabo bagcina bedla lesi sidakamizwa esishaya kuzwele ephaketheni.
“Okunye ngaso ukuthi sinomona, asisebenziseki nolunye uhlobo lwesidakamizwa. Umuntu ungamfica ephethe ikani likabhiya endaweni yobumnandi kuze kuse engaliqedile ngoba usuke ebheme sona. Uma sibuza ababhema intashi ukuthi yimuphi umuzwa abasuke abanawo uma sebeyisebenzisile, baveza ukuthi ibanika umdlandla kanti bazizwa behlala benomuzwa wenjabulo ephuphumayo nje emva kokubhema,” kusho uMsomi
Uthe imvamisa abantu abasisebenzisayo baneminyaka esuka ku-19 kuyaphezulu. Uthe abanye asebengenwe kahle yilesi sidakamizwa abafika kuyena baveza ukuthi sebesebenzise imali mhlawumbe abebeyilondolozele izinhlelo ezithile zokuthuthukisa imindeni, noma sebedayise impahla ebalulekile kubalwa imizi nezimoto ngenxa yokungena shi ezindlekweni. Izingane ezishiyelwe amafa ngabazali imvamisa zigcina imali ziyibhubhudle ngaso.
Uveze ukuthi sehluke kakhulu kulezi ezinye, ngakho umzali akulula ukuthi asheshe aqaphele ukuthi ingane iyasisebenzisa ngoba asikhahlazani emzimbeni futhi osesebenzisayo umuntu obukeka ehlanzekile, futhi nabantu asuke ehamba nabo benza abone ingane yakhe iphephile futhi inekusasa eliqhakazile ngendlela ababukeka ngayo, kwesinye isikhathi abahlonipheka ngayo emphakathini. Kwezinye izidakamizwa okubalwa kuzo iwunga notshwala imvamisa kuba wukududana kwabangani kodwa kulolu hlobo kuthiwa umuntu uyazikhethela yena ngoba ebona uhlobo lwabantu abasuke besisebenzisa ezibuka yena kubona.
Nakhu ongakuqaphela uma umuntu esebenzisa iCocaine.
Uvamise ukucinana
Ubukeka ejabule ngokweqile ebhemile noma abhocobale uma engabhemile
Akasebenzisi ezinye izidakamizwa, uma kwenzeka akagxili kuzo