BADINGA ukunikezwa uthando abantwana bamantombazane abatholele abantwana emakhaya kunokuthi bahlulelwe ngamaphutha abawenze ngaphambilini.
Lona bekuwumongo wenkulumo kaMfu Thandi Ngonelo we-Acts of Obedience Ministries ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni iLadies Tea yamashumi amabili nesithupha.
Le ngqungquthela ibibanjelwe esakhiweni sebandla lakhe esiku-37 Qashana Khuzwayo (Shepstone Road), eNew Germany.
Le ngqungquthela ihlanganisa abesifazane abehlukene abavela ezifundazweni zakuleli, okuxoxwa kuyo ngezingqinamba abesifazane abazithoa bebhekana nazo empilweni.
Inhloso yayo wukucija abesifazane nokubakhuthaza ukuthi bangaliphosi ithawula kunoma yini abahlangabezana nayo ebudeni bendlela.
Kube kuningi kakhulu uMfu Ngonelo akhulume ngakho kabanzi enkulumweni yakhe.
Eqhulwini uNgonelo ukhulume ngephutha athe lenziwa ngabazali lokwahlulela izingane zabo zamantombazane ezitholela abantwana ekhaya.
Ugcizelele ukuthi leli yiphutha okumele abazali bangabe besalenza.
"Awukho umgqomo wokulahla umuntu. Masizithande singazehluleli izingane zethu zamantombazane ezitholele abantwana emakhaya,'' usho kanje.
Uthe ukuze abesifazane babe nekusasa eliqhakazile, kungakuhle ukuthi basheshe bathole injongo yabo yokuphila bese beba nentshisekelo yokufinyelela kulokho abakudingayo.
Abazali uthe kumele bakhumbule nokuthi ziningi izilingo esezikhona manje ezingagcina zikhinyabeza amantombazane amancane.
Noma esho kanje kodwa uthe ngale nkulumo yakhe akahlosile khona ukubavuna.
“Empeleni akekho umuntu wesifazane okumele atholele umntwana ekhaya okanye esemncane.
“Kumele owesifazane osemncane umqondo wakhe ugxile ekuqhakaziseni ikusasa lakhe ngezindlela eziningi, njengokufunda nokuzithuthukisa, esho.
UNgonelo waziwa kakhulu ngenhlangano yakhe ebizwa ngokuthi yiPalm Tree nayo ejwayele ukuhlela izingqungquthela zabesifazane.
Ibandla aliholayo uNgonelo laziwa kakhulu ngokunakekela umphakathi elikuwona ngezindlela ezahlukene.
Isikhulumi sosuku bekunguDkt Pinky Ngcakani-Ncula umongo wenkulumo yakhe ubumayelana nokubaluleka kokuzethemba kubantu besifazane.