Uphiko lwentsha ye-ANC esifundeni iJosiah Gumede lusola iPhini leMeya kaMasipala Ukhahlamba, uNkk Nothile Tshabalala, ngokuqasha amalungu omndeni walo kumasipala.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba esinegama likanobhala wesifunda uMnuz Sphelele Masuku nelomkhulumeli uMnuz Lindokuhle Maphalala, i-ANCYL ithe isikhathele wuTshabalala, oyilungu le-ANC, ngenxa yezizathu ezehlukene.
“I-ANCYL isebenzise izinhlaka ezifanele izama ukugxeka ngokwakhayo iphini lemeya kusuka ehhovisi likasotswebhu kuya kwi-ANC uqobo. Kusobala ukuthi iphini lemeya livimba ukuthi i-ANC ithuthukise intsha ikakhulukazi ekudaleni amathuba omsebenzi,” kusho isitatimende.
Lolu phiko luthe uTshabalala uma eqasha uyenzelela njengoba muva nje kuqashwe umfowabo njengomqaphi wakhe nodadewabo usekhushulelwe kaningi ezikhundleni.
Luthe kumele i-ANC ingenele ngokushesha.
UNkk Tshabalala uthe yena njengekhansela akaqashi kodwa kuqasha imenenja kamasipala. Uthe kungamanga aluhlaza ukuthi uqasha izihlobo zakhe.
“Yinto ongakwazi ukuyiphenya leyo. Umuntu uma eqashwe kwamasipala ungamfihla kanjani? Ngisho noma ngabe bengiyimenenja kamasipala bengingeke ngiqashe i-ANC Youth League kodwa bengizoqasha umphakathi. Asivotelwanga yi-ANC Youth League kodwa sivotelwe wumphakathi,” kusho uTshabalala.
Uthe umasipala uphethwe ngokubambisana yizinhlangano ezehlukene ngakho uma kunokuphambene akwenzayo kusho ukuthi “imeya nosomlomo bayizithumuthumu zami”.
“Sisemkhandlwini olawulwa ngokubambisana, akekho ongenza okuphambene. Umkhandlu wethu uhlale uthola umbiko womcwaningi mabhuku ongenagcobho, amabhuku awaphekwa. Izingane (ANCYL) zinomkhankaso wazo nje eziwuphushayo,” kusho uTshabalala.