KUBHUNTSHE umcimbi wentuthuko eDundee ngesikhathi umphakathi uhebeza obeyiMeya yaseNdumeni.
UMnuz Sboniso Mbatha, ubeyokwethula izinhlelo zentuthuko ku-ward 4 elokishini eSibongile ngemuva kokuba iqembu lakhe okuyi-IFP linqume ukumxosha esikhundleni sobumeya.
Umphakathi umtshele kwezikabhoqo uMbatha ukuthi awusoze uvume ukuba akhulume nawo ngoba usuzwile ukuthi akasesiyona imeya.
Okunye obukhala ngakho ukuthi uMbatha wawudelela ngesikhathi umashela izidingo zentuthuko, wawubiza ngamaphara.
UMbatha uxoshwe esikhundleni ngoLwesibili yi-IFP kodwa ubikelwe ngoLwesithathu.
Iqembu lakhe kuthiwa likhale ngokuthi unamaphutha amaningi asewenzile selokhu angena esikhundleni ngo-2016.
FUNDA: Ikhalile iMeya ixoshwa noSomlomo
Phakathi kwamaphutha asolwa ngawo, kubalwa utshwala nokugxambukela ohlelweni lokukhishwa kwamathuba.
Lokhu kuholele ekutheni kube nezikhalo emaqenjini aphikisayo, kwaze kwaba nobudlelwane obumuncu phakathi kwe-IFP namaqembu ayisiza ukuba iphathe.
Ngaphandle kwalokho, uMbatha ugcine engasayithulanga inkulumo yakhe yezinhlelo zentuthuko zikamasipala.
Inkulumo kaMbatha ibiyingxenye yesabelomali saseNdumeni esihambisana nokwabiwa kwezimali zomphakathi entuthukweni edidiyelwe.
UMbatha uthe okwamanje akafuni ukukhuluma ngokuxoshwa kwakhe ngoba akakayifaki incwadi yokwesula kumasipala ekubeni yimeya nanjengekhansela.
“Kuzothi uma sengifake incwadi yokwesula bese kuyima ngiphawula. Ngiyobe sengibeka kahle lonke uhlangothi lwami. Okwamanje ngisazothula ngingasho lutho,” kusho uMbatha.
Kwenzeka lokhu nje uMbatha ubhekene necala lokuhlela itulo lokubulala uSomlomo, uNkk Bongiwe Mbatha Makhathini.
UMbatha ungene kulesi sikhundla ngo-2016, waba imeya encane kunazo zonke eNingizimu Afrika.