UMCULI wokholo, uJumbo Nyangiwe, uthi uyathukwa ngozakwabo kuthiwa akakholwa ngenxa yokucula kwakhe zonke izinhlobo zomculo.
Lo mculi usezakhele udumo emicimbini ngokuxuba izingoma zakhe zowokholo afake nezezinye izinhlobo okubalwa kuzo umaskandi.
"Namhlanje nginenhlamba kuthiwa angikholwa. Ozakwethu abayiqondi kahle into engiyiyo ngoba ngilandelwa yigama lika-Jukebox. U-Jukebox bazalwane udlala yonke ingoma ekhona," kusho uJumbo.
Uthe u-Jukebox yigama aliqanjwa wumculi wokholo ongasekho, uSfiso Ncwane.
Ubekhuluma emcimbini wokukhumbula uSfiso Ncwane obuhlelwe wumndeni wakhe eWestville muva nje.
"Lo Jukebox kwakuyisiphrofetho abanye abantu abangasiqondanga. Abanalo iphutha banendaba noJumbo. Uma beqala bengasiqondi ukhona umnikazi waso owasikhuluma sahlala kimi... Kunegama engalinekezwa lalenga langachazwa kodwa uma sengiliphila ngiphila lona."
Uveze ukuthi lapho ehamba khona uma “sebefuna ukungicwasa bathi Sfiso Ncwane”.
"Uma sebefuna ukuba ngcono kimi bathi 'ave uzenza Sfiso Ncwane'. Kubuhlungu angithi? Kodwa ngayithatha ngahamba nayo."
Uthe isibusiso kuNcwane wasithatha ngesikhathi emupha u-breyani ayewudla bese studio kuqoshwa i-albhamu kazakwabo uThinah Zungu.
"Wathi ‘ya Jukebox', ngathi mina yebo. Bese ethi 'thatha nawu u-breyani, uyawazi u-breyani?' Athi wudle. Ngesikhathi ngiwudla mina ngokuqonda kwami ngoba ngase ngikholwa nganginento ethi ngidla isibusiso. Ngidla ipuletini elalidliwa wuyena. Ngawudla lo breyani. Uma sengiwudla, senginale nto ethi sengiyitholile le nto, khona into esengiyabelene nomuntu engibukela kuye," kuchaza uJumbo.
Uthe akanamahloni ngoNcwane.
"Ngisho emicimbini kamaskandi kubizwa mina ngenxa yokuthi uma bekhumbule uSfiso Ncwane babiza mina. Bayangibiza, bayangisebenzisa.