KUTHIWA ikhihle esikaNandi, iMeya yaseNdumeni, eDundee ngesikhathi itshelwa iqembu layo ukuthi kuphelile ngayo benoSomlomo ngakho abaphume ezikhundleni zabo.
Lokhu kwenzeke izolo emhlanganweni obusehhotela eDundee Royal, okuyilapho abaholi abaqavile beqembu bebehlangene khona nesigungu sesiyingi se-IFP saseNdumeni noMeya uMnuz Sboniso Mbatha.
Laba baholi oMnuz Mfanje Mbango noMnuz Nhlanhla Msimango kanti bebejutshwe isigungu esiphezulu se-IFP ukuba bayokwazisa iNdumeni ukuthi iMeya uMbatha noSomlomo, uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini sebeyalelwe ukuba basule ezikhundleni zabo lungakafiki uLwesihlanu.
“Umfana ukhalise okwengane encane waze wanesilokozane, etshelwa ukuthi kufanele esule benodadewabo uSomlomo ngoba iqembu linqume ukuba bakhishwe. Nokho uSomlomo okunguNkk Mbatha-Makhathini ubengekho kulo mhlangano kodwa ubesemidlalweni yamaSalga. UMbango uthe kumele kushaye uLwesihlanu kube sehanjiswe amagama abantu abazongena emkhandlwini kwi-Independent Electoral Commission. Lokhu kuzokwenziwa uSihlalo wePolitical Oversite Committee, iNkosi yakwaCebekhulu eyilungu lePhalamende uRussel Nsikayezwe Cebekhulu,” kusho omunye obesemhlanganweni, izolo.
Isinqumo sokuxosha uMbatha noNkk Mbatha-Makhathini ezikhundleni kuthiwa sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-IFP obuseThekwini, ngoLwesibili.
IMeya ithintwa ithe ayazi lutho futhi akekho oseke wayitshela ukuba isule ekubeni iMeya.
“Mina njengoba ngikhuluma nawe awukho umhlangano oseNdumeni we-IFP engiwaziyo. Kumanje ngizibukela imidlalo yama-Salga Game okuyilapho ngikhona. Uma i-IFP isingibikele bengizonitshela futhi ngibonge nethuba engiphe lona,” kusho uMbatha.
USomlomo uNkk Mbatha-Makhathini ubengatholakali kanti nocingo lwakhe belukhala luzithulele.
Imiyalezo athunyelelwe yona akayiphendulanga.
UMsimanga obehola ithimba ebelithunywe isigungu se-IFP eNdumeni uthe akuthintwe uMnuz Mkhuleko Hlengwa okunguye ogunyazwe ukuxhumana nabezindaba ngezinto ezithinta iqembu.
Uthe yena akazi lutho uzihlalele kubo welusa izinkomo zikayise uCijimpi.
USotswebhu we-IFP, uMnuz Lucky Khumalo uthe i-IFP iphuzile ukusukuma ngoba sekonakele kakhulu.
“Nathi sigcine sesikhathele, sathatha udaba saluphonsa kuNgqongqoshe uNkk Nomusa Dube-Ncube ukuze angenelele ngoSection 106, omgunyaza ukuba aphenye. Ngesonto elizayo silindele ukuba azosinika lowo mbiko ngoba ingxenye esiyitholile iveza amahlazo. Kukhona nokungaziphathi kahle kweMeya nenkohlakalo,” kusho uKhumalo.
Uthe umkhandlu awukaze uhlale kusuka ngonyaka odlule kwaze kwaba kuboshwa iMeya ngezinsolo zokuhlela itulo lokubulala uSomlomo.
Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe lesi sinqumo sithathwe iqembu ngenhloso yokulungisa isimo eNdumeni nanokuqinisekisa ukuthi intuthuko ihanjiswa kubantu ngaphandle kwezinkinga.
“Siyafisa kucace ukuthi lesi sinqumo asilwi namuntu othize kodwa kube ukucabangela izakhamuzi zaseNdumeni ezasethemba siyiqembu ngokuba siphathe iNdumeni ngokulekelelwa i-DA ne-EFF. IMeya noSomlomo nabo baziswe ngendlela efanele ngalesi sinqumo,” kusho uHlengwa.
UMnuz Msawakhe Mayisela woMnyango wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uthe okwamanje akukho abangakusho kodwa bazophawula uma sekufike isikhathi esifanele.