BASASHAQEKILE namanje ngesigameko sokumbiwa kwesidumbu sengane enezinyanga ezinhlanu eMpongompongweni, ngaseNtshawini, KwaDukuza, ngoMgqibelo, okuthiwa igqitshwe abazali bayo ngeledlule.
Kulesi sigameko kuboshwe uyise kamufi, uSmangaliso Kwanele Nqoko ngoMsombuluko, obanjwe esegcwele amathafa.
Kuthintwa ikhansela lendawo, uMnuz Nkululeko Qwabe mayelana nesigameko, lithe lithole ukuthi ingane yagqitshwa yizithandani ebusuku ngoMgqibelo owedlule, emva kokubona ukuthi isishonile.
UQwabe uthe ngokuzwa kwakhe, izithandani zazikade zihambe ziyophuza endaweni yokucima ukoma endaweni nayo ingane.
Kuthiwa, sezibuya owesifazane wazumeka walala, wavuswa owesilisa ephethe ingane ngesandla, ethi isishonile akazi kwenzekeni.
“Kuthiwa bavumelana ngokuthi kungcono bavele bayoyigqiba ngasemfuleni osendaweni. Bazama kodwa behluleka ngoba babengenawo amathuluzi okumba,” kusho uQwabe.
Uthe bagcine becela usizo komunye wabangani ukuthi abambise egcekeni kubo kowesilisa (uyise wengane) owamdonsa ngendlebe umngani ukuthi aze angayithi vu.
“Kuthiwa emva kokuba sebeyigqibile, waphinde wasabisa yena unina wengane ukuthi angatsheli muntu,” kusho yena.
Uthe ngokuqhubeka kwezinsuku, izihlobo zabo zibabuzile ukuthi iphi ingane, baqamba amanga bathi bayivakashise kwezinye izihlobo.
“Unina wengane ubeyikhomba ezihlotsheni zikayise, uyise eyikhomba ezihlotsheni zikanina,” usho kanje.
Udalule ukuthi ngoMgqibelo owedlule, isihlobo sipotshozelwe umuntu othile ukuthi abalulandele udaba “lokuvakashiswa” kwengane ngoba kukhona okushaya amanzi.
“Lesi sihlobo sivele sanikela kubo kayise wengane namaphoyisa. Wavele wabaleka uyise wengane, kwacaca lapho ukuthi kukhona okungahambi kahle,” usho kanje.
Uqhube wathi unina wengane uhlaliswe phansi wabuzwa ukuthi iphi ingane, wagonyuluka ngokuthi bayigqibile, washo nokuthi yena uvuke isishonile, wancengwa uyise wayo ukuthi bayigqibe.
Uveze ukuthi ngesikhathi sesimbiwa isidumbu sengane, siphume sisongwe ngengubo, kanti besicindezelwe ngezingodo.
“Kuphinde kwavela nokuthi besiphuma igazi ngomlomo, nokuqinisa izinsolo zokuthi mhlawumbe yalinyazwa okuthile yashona,” kusho uQwabe.
Ubuye wathi emva kokuboshwa ngoMsombuluko, uyise wengane ukhombe unina wayo, ethi wuye owayicindezela ngebele eyincelisa. Uthe unina wayo yena ukhomba uyise wayo ngelithi umvuse eyiphethe ngezandla isishonile.
Uthe siwushaqise wonke umphakathi isigameko.
“Sibonga ukuthi aboshwe uyise wayo, sifisa kuqhubeke uphenyo, aboshwe nonina uma etholwa enecala,” kusho uQwabe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaDukuza abophe umsolwa (29) kulandela isigameko. Uthe umsolwa uzovela namuhla eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza.
Umamkhulu kamufi, uNksz Nomzamo Nqoko okunguye owathola ucingo esihlotsheni simtshela ukuthi akaphenyisise “ngokuvakasha” kwengane, uthe abakufunayo ukubuya kwemiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.
“Ukuze uma enecala, kwenziwe ubulungiswa. Ngibufuna impela ubulungiswa ngengane yami. Unina namanje usathuka izanya, sibi impela isimo kuyena,” kusho uNksz Nqoko.