BANQUME ukuqhinqa ngaphandle kwamahhovisi akwa-Stats SA, eThekwini, izolo, abasebenzi abaqashelwe ukubala abantu ohlelweni lwe-Census 2022, bekhala ngokungaholelwa nezinye izingqinamba ababhekana nazo ngesikhathi benza umsebenzi wabo.
Laba basebenzi abebedinwe begane unwabu, bakhala ngokuthi bekufanele ngabe baholile izolo, emva kokuthi izinkontileka zabo beziphela kodwa zanwetshwa njengoba ukubalwa kwabantu sekulindeleke ukuthi kuphothulwe ngoMashi 20 nonyaka. Kwakulindeleke ukuthi umsebenzi wokubalwa kwabantu oqale ngenyanga edlule uphothulwe ezinsukwini ezingu-28.
Omunye wabasebenzi ongathandanga ukudalulwa, uthe abakwa-Stats SA sebephule isivumelwano esasayinwa enkotilekeni yabo yokuqashwa njengoba sebetshelwe ukuthi bazokwehliselwa imiholo.
“Enkontilekeni esayisayina yayithi sibhala u-R264,19 ngosuku kodwa sitshelwe ukuthi sesizobhala u- R111.00 okuyimali esingakaze sivumelane ngayo. Ngaphandle kwalokho, akusilona iphutha lethu ukuthi umsebenzi awenzekanga waphela ngesikhathi esinqunyiw, kodwa lokhu kube ngenxa yokungahleleki kwabo,” usho kanje.
Uthe ama-tablet abasebenza ngawo abanikeza izinkinga kangangoba kwesinye isikhathi awavumi ukwamukela imininingwane yomsebenzi okwenza angakwazi ukushicilela imininingwane yababalwayo okugcine kufana nokuthi akasebenzanga ekubeni egibele ngemali yakhe waya emizini anikezwe yona ukuthi ayibale.
Bakhala nangenkohlakalo njengoba beveze izinsolo zokuthi kuholelwa izipoki njengoba bethe kunamagama avelayo ohlwini lwabasebenzi kodwa abangakaze babonwe.
“Thina esiqashwe ukuthi sisebenzele eMbumbulu kuvela ukuthi sinezinduna ezinhlanu kodwa sihleze sisebenza nezintathu kangangoba abanye bethu basebenza benganazo izinduna ezibaqaphile emathimbeni abo, okugcina kwenzeka ukuthi uma benezinkinga bangazi bazobikela bani,” kusho omunye umsebenzi.
Baveze ukuthi ngesikhathi beqashwa, babethenjiswe ukuthi ezindaweni eziyingozi bazohlinzekwa ngamaphoyisa ukuthi abaqaphe kodwa lokhu akukaze kwenzeke njengoba bekhala ngokuthi kwesinye isikhathi bayasatshiswa bethukwe amalungu omphakathi angafune kubalwa. Bakhale nangokwandiswa kwesibalo semizi okumele bayisebenze sisuka kwengu-10 ngosuku siya kwengu-15, abathe batshelwe ukuthi kwenzelwa ukuthi balekelele abasasilele emuva ukuqinisekisa ukuthi ukubalwa kwabantu kuqedwa ngesikhathi.
“Okubuhlungu ukuthi siyazigibelela, sihambe izindawo nemizi esingayazi. Asiholelwa imali iphuma emaphakatheni futhi azikho izimoto ezisilandayo okwenza sibe sengozini yokudlwengulwa nokuphucwa amathuluzi okusebenza yizigilamkhuba,” kubalisa omunye umsebenzi.
Bajube ithimba labamele ukuthi lihlangane neziphathimandla zakwa-Stats SA eThekwini okuze kwashaya isikhathi sokushicilela besahlangene.
Imizamo yokuthola abakwa-Stats SA ayiphumelelanga njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela imibuzo abathunyelelwe yona ingakaphendulwa.