KUQHAKANJISWE iqhaza labesifazane kwezolimo eMkhanyakude KwaZulu-Natal izolo umhlaba ugubha usuku lwabesifazane basezindaweni zasemakhaya, i-International Day of Rural Women.
UNkk Nelisiwe Zikalala, inkosikazi kaNdunankulu, uMnuz Sihle Zikalala, ephelezelwa yiMeya yaseMkhanyakude, uMnuz Solomon Mkhombo, uhambele imifelandawonye yabesifazane KwaMahlabuyalingana ebona imisebenzi enhlobonhlobo abayenzayo.
UNkk Zikalala uncome imbokodo wathi ibalulekile ngokusukuma ilime ingahlali phansi ilindele uhulumeni ayenzele izinto.
“Sigxile kakhulu ekubhekeni imisebenzi yezolimo namuhla. Miningi imisebenzi eyenziwa ngabesifazane. Selokhu kusile sihambela imifelandawonye sibona imisebenzi eyenziwayo,” kusho uNkk Zikalala.
Akuthande kakhulu uNkk Zikalala wukuthi imbokodo ayihlalanga yalinda uhulumeni kodwa kuthe uma ibona ikati lilele eziko, yasukuma yayotshala yafuya ukuze yondle imindeni yayo.
“Thina siwuhulumeni sibafice ngendlela ngoba bayasebenzisana nomasipala noMnyango wezoLimo. Nathi siyihhovisi elingaphansi kukaNdunankulu, sibavakashele futhi sibaphathele nezipho.”
Uthe sekuyisikhathi sokuba abesifazane bahlomule emnothweni wezwe futhi uhulumeni wesifundazwe uzobanika izinsiza kusebenza nembewu. Abesifazane namantombazane basemakhaya basasilele emuva uma kuziwa ekuhlinzekweni ngezinsiza kusebenza nengqalasizinda.
“Masinakekele labo abangakwazi ukuzivikela futhi sibumbane silwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane. Esikhundleni sokubabeka amabala, masibalekelele ngokuthola usizo abaludingayo,” kusho uNkk Zikalala.
UNkk Zodwa Tembe womfelandawonye iSimbigolide, uswele amazwi okubonga ngokukhunjulwa nguNkk Zikalala nohulumeni. Uthe bebezizwa belahliwe, bengabalulekile futhi bethathwa njengabantu baseMozambique.
“Siyalamba thina kule ndawo. Siqale ukulima manje izinto ziyashintsha. Silima ubusika nehlobo, sicela uhulumeni asithengele ugandaganda wokulima, asizamele amanzi, imakethe yokudayisela bese esibiyelela amasimu ethu,” kusho uNkk Tembe.