OWAYENGUMENGAMELI waseNingizimu Afrika, uMnuz Jacob Zuma, usole uSihlalo weKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yindlazana iJaji Raymond Zondo, ngokwenzelela uma ephonsa imibuzo ofakazi, okwenza avezwe njengomuntu onecala.
UZuma usho lokho ngomlomo wommeli wakhe u-Advocate Muzi Sikhakhane, ngesikhathi efaka isicelo sokuba uZondo ahoxe ekubeni usihlalo wale khomishini uma uZuma ezothula ubufakazi.
USikhakhane uthe ofakazi abafana nowayengungqongqoshe wezamabhizinisi kahulumeni uNksz Barbara Hogan, owayeyiphini likangqongqoshe wezimali uMnuz Mcebisi Jonas noNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uMnuz Pravin Gordhan, noNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Fikile Mbalula, ngesikhathi befakaza indlela uZondo enza ngayo kwamenza uZuma wabona ukuthi uyabeseka ezintweni ezithinta ukulawulwa koMbuso yidlanzana.
“UGordhan wavezwa njengomuntu oneqiniso lonke. Ofakazi abathula ubufakazi babekhomba uZuma ngenjumbane,” kusho uSikhakhane.
USikhakhane ukuphikile nokuthi uZuma wanqaba ukuzofakaza kwikhomishini ngoSepthemba, wathi wayegula.
Ugxeke nezinhlangano ebezithumela izitatimende zithi uZuma ngeke afakaze izolo.
Ezinye zezinhlangano azibalile i-Ahmed Kathrada Foundation.
Ephendula okushiwo uSikhakhane ohola ubufakazi u-Advocate Paul Pretorius, ukuchithile wathi ngokwakhe akucaci ukuthi sizathu sini esingenza uZondo acheme uma kuziwa kuZuma.
Uthe ukuthi niyazana nomuntu akusho ukuthi ungachema uma ulandela umthetho ungagudluki kuwo.
Uthe kumele kucace ukuthi ikhomishini ayithethi icala elifana nelobugebengu noma elifana nelombango wamafa.
Uthe ikhomishini isuke ifuna ukuthola ukuthi yini eyenzeka iphinde izwe kuzo zonke izinhlangothi.
Uqhube wathi akufani nokuthi uma uthule noma ukhuluma ecaleni lobugebengu, icala lisuke lizokugweba uma utholwa unecala.
“Umsebenzi wekhomishini ukuthola iqiniso ngokwenzeka okudingeka ukuba kufakaze abantu abasuke bethinteka.”
UZondo uqale wafunda isitatimende asibhalile eziqhelelanisa nokuthi ungumngani kaZuma wathi kodwa wamazi esengummeli ngama-90’s.
Uthe akaze ammeme ngisho kunedili noma amazise uma kunomcimbi yingakho ethi ababona abangani kodwa bona bayazana.
UZondo uzonquma namhlanje ngokuthi uzohoxa noma cha.