INTATHELI YESOLEZWE
S ELIGCINE liqokiwe ijaji elizovala isikhala esishiywe wumethuli wezinhlelo uLalla Hirayama ohlelweni lokuvumbulula abanamakhono kuleli, i SA’s Got Talent, ezobuya ku-e.tv ngoSepthemba.
Isikhala sakhe sizovalwa yinkakha yomlingisi, uJamie Bartlett, ozoba yijaji, nabasakazi uShado Twala noDJ Fresh. UBartlett, odume ngendawo kaDavid Genaro kuchungechunge lomdlalo iRhythm City, kulindeleke ukuthi afike namava akhe eminyaka kulolu hlelo.
Ekhuluma ngokuhlabana ngalo msebenzi uBartlett uthe usekulindele ngabomvu ukuwuqala.
“I SA’s Got Talent yilona hlelo oluvumela abantu ukuthi baveze wonke amakhono abanawo kuleli. Ngikujabulele kakhulu ukwazi ukuthi ngizosebenza namaciko nami ngiziveze njengejaji. Abantu emakhaya bazobona mina uqobo lwami, hhayi ngilingisa indawo ethize futhi ngizobe ngigqugquzela abantu ukuthi bangikhombise amakhono abo ngendlela ezongithinta,” usho kanje.
Obambe njengomqondisi kwa-e.tv, uMarlon Davids, uthe bajabule ukuthola iciko elinomlando omuhle kwezeshashalazi, ithelevishini namafilimu kuleli.
“Lokho kuchaza ukuthi uwumuntu ofanele ozokwazi ukucobelela ngolwazi abantu abazoba kulolu hlelo. Sesilindele ukumbona enza lo msebenzi manje, siyazi uzobe engumuntu ongachazeki kalula kodwa uzobe eneqiniso.
ULalla Hirayama, owangene emva kokushiya kuka Zonke Dikana, akasekho ngoba umatasa noM-net uqopha iziqephu ze Lalla Land lapho ekhuluma khona nabalingisi baphesheya ngamafilimu abo amasha.