OSOMABHIZINISI baseHluhluwe bakhala ngokukhetha iphela emasini kukahulumeni waseNingizimu Afrika, okhombisa ukukholelwa kwabaqhamuka emazweni angaphandle, abathi babamise kabi kwezamabhizinisi.
Lokhu kuvele emcimbini wokwethulwa kwentuthuko kwaMduku kumasipala iBig 5 Hlabisa muva nje. Bathe sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni ubuyekeze umthetho ovumela ukudayisa udede kwabokufika ukuze kuqedwe izingqinamba ababhekene nazo.
UNksz Nompilo Vilane, uthe kuyabalimaza kakhulu ukukugcwala kwezitolo zabantu abaqhamuka kumazwe angaphandle njengoba idolobha labo lincane.
“Asibe sisayibona nhlobo into esiyisebenzayo uma kuzogcwala abantu bokufika abagcina besiphuca iqatha emlonyeni ngenxa yamanani aphansi abadayisa ngawo impahla yabo. Singajabula uma uhulumeni engangenelela kule nkinga ukuze siyibone into esiyenzayo,” usho kanje.
Imeya uMnuz Comfort Khumalo, ithe ukulawuleka kwalesi simo kuzolekelela kakhulu ekulweni nobubha kubantu bakuleli abaswele imisebenzi.
“Siqala ukuba nenkinga uma abantu bamazwe angaphandle kuyibo abanakwa ngaphezu kwabantu bakuleli abantula imisebenzi. Kunemisebenzi engadingi ukuthi uze ube yingcithabuchopho kodwa edinga ukuthi abantu babe nolwazana nje oluncane oludingeka kulowo mkhakha abasuke bekuwo. Ngakho- ke asikwazi ukuba nesibalo esiphezulu soweta babantu bamazwe angaphandle ezindaweni zokudla zakuleli ekubeni sinentsha yakuleli eswele imisebenzi,” kusho uKhumalo .
Eqhuba uthe kweminye imisebenzi edinga ulwazi olunzulu kwamukelekile ukuthi kulandwe abantu abangaphandle.
Omunye usomabhizinisi, uNksz Lizzy Ndlovu wakwaMduku osekuphele iminyaka emithathu edayisa ukudla, uthe enye inkinga ababhekene nayo ukuvaleleka ngaphandle ohlelweni lokuthola izindawo zokudayisa ezinikwa abokufika.
“Amathuba omsebenzi awekho, phezu kwaleyo nkinga kube yithi esizizamelayo ngokuvula amabhizinisi esihlukumezeka ngodaba lwabokufika abagweva nezindawo. Yibo ababekwa phambili ekubeni iningi lethu lingenazo izindawo zokudayisa ezikhishwa uhulumeni,” kusho yena.
Eqhuba unxenxe uhulumeni ukuthi ushintshe imithetho yawo ezokwenza balekeleleke nabo njengosomabhizinisi abazimisele ngokuvula amathuba omsebenzi.