USEBENZISE ingqungquthela yabasebenzi bezeMpilo ukuvalelisa uNgqongqoshe walo Mnyango KwaZulu-Natal, othe useyashenxa.
UDKt Sibongiseni Dhlomo udalule lokhu esidlangalaleni, ekhuluma engqungqutheleni iPrimary Health Care, ezophela namuhla eThekwini.
Uthe ubone kukuhle avalelise abonge nakubasebenzi bomnyango ngoba lona wumbuthano wokugcina omkhulu engungqongqoshe. Yize engadalulanga ukuthi uzoshonaphi, ukubeke kwacaca ukuthi ngeke esaba ngungqongqoshe emuva kokhetho.
“Nginesiqiniseko sokuthi uzakwethu ozongena kulesi sikhundla uzophuma eqenjini elibusayo futhi uzokwenza umsebenzi oncomekayo. Ngithe angisebenzise leli thuba ngoba ngethula umbiko ngakho konke esikwenzile emnyangweni,” kusho uDhlomo.
Kokunye azishaye isifuba ngokuthi kwenzekile ngaphansi kobuholi bakhe, wuhlelo olubizwa ngePhila Mntwana athe kwakuyiqhinga elaliqhamuke noDkt Zweli Mkhize esengundunankulu. Ohlelweni kuqhakanjiswa ukuthi izingane zigonywe zinikwe nokudla okunempilo. Ukhulume nangomehluko owenzeke esibhedlela eNkandla emuva kokuvakashela kwekhabhinethi ngaphansi kohlelo iSukuma Sakhe. Uthe esibhedlela bekunenkinga yokushona kwezingane ezineminyaka engaphansi kweyisihlanu. Uthe bathole ukuthi ezinye zezinselelo bekuwukuthi izingane bezingagonywa kahle, athe konke lokhu sekushintshile.
UDhlomo umemezele nokuthi maduze kuzoshintshwa igama lesibhedlela iStanger, athe ngeke adalule ukuthi sesizobizwa ngani. Uncome nohlelo lokusokwa kwabesilisa abayisigidi esifundazweni, athe usefisa kusokwe amakhosi nabefundisi ukuze bakhuthaze imiphakathi. UDhlomo unikezwe incwadi ehlanganiswe abasebenzi bezempilo.
OyiNhloko eBambile eMnyangweni uDkt Musa Gumede, uthe nguDhlomo kuphela ungqongqoshe kulo mnyango osephathe amahlandla amabili. Uncome ubuholi bakhe athe izithelo zabo ziyabonakala ngezinhlelo zezempilo afike nazo.
USihlalo weNdlu yamaKhosi kwaZulu-Natal inkosi Phathisizwe Chiliza, uthe bagqemeke ingozi ngokushiya kukaDhlomo. Uthe ubeqala ukubona ungqongqoshe ongena ngisho ezigodini ezahlukene, ezibika ezinduneni efuna kuthuthukiswe ezempilo.
Le ngqungquthela ihlose ukubuyisa nokuqinisa uhlelo lokuvakashela abantu emakhaya, ukubahlolela izifo nokubelapha. Lona wumbono owaqala kusungulwa iPholela Community Health Care.
UNksz Precious Matsoso onguMqondisi woMnyango kuzwelonke noyilungu lekomiti leWorld Health Organisation, uncome isifundazwe ngokuthuthukisa ezempilo. Uthe lolu hlelo olwaqala ePholela kumele kushaye * -2030 selufike kuwo wonke amazwe.