KUVELE ukuthi ingumlandeli we-Orlando Pirates indoda ebekwe amacala ahlobene nesiphithiphithi esenzeke eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weKaizer Chiefs ekhishwe kuwo yiFree State Starts kuma-semi final eNedbank Cup.
UMnuz Phelelani Jojisa (32) waseHarding uvele izolo eNkantolo yeMantshi eThekwini ngamacala amabili - elokungena enkundleni ngaphandle kwemvume nelokulwa namaphoyisa.
Umndeni kaJojisa, obukhihla isililo ngaphandle kwasenkantolo ngoba esagcinwe esitokisini kuze kube uLwesithathu ukuze afake isicelo sebheyili, utshele Isolezwe ukuthi awukholwa wukuthi ushise inkundla.
Udadewabo omdala, uNksz Nontethelelo Jojisa, uthe njengoba engayiseki nje iChiefs, besingekho isidingo sokuthi alwe noma ashise inkundla.
“Umfowethu weseka i-Orlando Pirates, ubezozibukela ibhola nje ngoba elithanda. Abantu abebenodlame bashisa nenkundla abalandeli beKaizer Chiefs. Okusiphatha kabi kakhulu wukuthi sibona abantu abaningi kuma-video okuthiwa yibona abebenodlame kodwa asibaboni beboshiwe, umfowethu kuphela oboshiwe,” kusho uNksz Jojisa.
Ngaphambilini amaphoyisa abethe babili abantu ababoshiwe ngodaba oluthinta isiphithiphithi esenzeke enkundleni kodwa uyedwa ovele enkantolo izolo. Akucacanga ngomunye.
Umzala wakhe, uMnuz Nhlanhla Gwija, uthe bashaqekile ukuthi kuboshwe yena yedwa.
“Umfowethu besingazi nokuthi uboshiwe size sathola ekuseni namhlanje (izolo). Besingazitsheli ukuthi angaboshelwa udlame olwenziwe abalandeli beKaizer ngoba akayena umlandeli wayo. Abamnikezi ngisho nebheyili basamgquma ezitokisini ngento angayazi,” kusho uGwija.
UJojisa uhlala eMayville ngenxa yokusebenza ngoba ebamba amatoho eThekwini futhi unezingane azondlayo.
Khonamanjalo, kushone elayizolo usomabhizinisi waseMgungundlovu kodwa ozinze eGoli, uMnuz Blaine Joseph, efuna unogada olimele obonakala eshaywa ngezihlalo kwenye yama-video asabalele ezinkundleni zokuxhumana ukuze amlekelele ngezindleko zokulashwa kwakhe aphinde amkhokhele ingxenye yomholo wakhe ngesikhathi esalimele.
UJoseph uthe ufisa ukumlekelela lo unogada ngoba uyabazi ubunzima umsebenzi abhekana nabo .
“Ngeke ngakwazi ukumqasha kweyami inkampani kodwa ngifuna ukulekelela ngoba uhlukumezekile esemsebenzini. Ngizomholela unyaka wonke nezindleko zokulashwa kwakhe ngizikhokhe. Ngifisa ukuxhunyaniswa nonogada ngokushesha,” kusho uJoseph.
Esithangamini nabezindaba uSihlalo wePSL, uMnuz Irvin Khoza, uthe unogada olimele, uMnuz Sabela Mazibu. Kushaye isikhathi sokushicilela izolo unogada, okuthiwa uhlala ehostela KwaMashu, engatholakali.