SIMUNCU isimo eMbhekwa Secondary, oPhongolo, emuva kokuba uthishanhloko emangalelwe yiphini lakhe elithi ulishayile.
Uthishanhloko usolwa ngokudelela othisha asebeze bamceba nasezikhulwini zomnyango wezemfundo.
Ukuba muncu kwesimo kufakazelwa nawukuthi abanye othisha abasamkhulumisi uthishanhloko oneminyaka emibili efikile esikoleni.
Othisha bathe akusasebenzeki ngenxa yokuphathwa ngesandla sensimbi.
Uthishanhloko kuthiwa ubatshela emehlweni othisha ukuthi kabafundile yingakho isikole singenzi kahle.
Othisha babhalele umnyango esiyingini bebika udaba. Babikele neSouth African Council of Educators, okuthiwa iyaqhubeka nezithangami zokuqondisa ubugwegwe.
Kuthiwa ngoFebhuwari uthishanhloko waxabana nephini lakhe walishaya phambi kwabanye othisha ehhovisi lakhe.
Iphini lalikade libambe isikhundla ngo-2015 engakaqokwa uthishanhloko. Udaba lugcine lubikelwe umnyango wanquma ukuthi iphini lidluliselwe kwesinye isikole ukuze kube nokuthula.
Iphini, elaziwa ngoMnuz Mzimela, lenqabile ukuphawula. Uvumile ukuthi usekwesinye isikole kodwa wacela kuthintwe umnyango ngoba yiwona ophethe udaba lwakhe.
Okhulumela isigungu esilawula isikole, uMnuz Vikimpi Nkambule, uthe bayazi ngezinkinga ezibikwe wothisha kodwa abangeni kuzona ngoba zithinta umsebenzi wabo.
“Esikwaziyo wukuthi ukufunda nokufundisa akuphazamisekile ngoba othisha bakhona esikoleni. Okungale kwalokho ngeke singene kuko ngoba kuthinta umsebenzi wabo othisha ngaphakathi. Sidedele umnyango ukuthi ulungise udaba ngoba kasihlanganyeli ezithangamini zokuqondisa ubugwegwe ezikhona,” kusho uNkambule.
Uthishanhloko, Isolezwe elinalo igama lakhe, ushayelwe ucingo wathi usemhlanganweni maqede waluvala.
Ubuye wathunyelelwa umyalezo ngeSMS okushaye isikhathi sokuloba engakawuphenduli.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kunoma yisiphi isikole bafuna uthishanhlolo abe yisibonelo ngokuziphatha kahle phambi kwabanye othisha.
Uthe bazofuna umbiko ophelele esifundeni ukuthola ukuthi yiziphi izinyathelo esezithathiwe ngalezi zinsolo.
Unxuse othisha ukuthi balandele imigudu efanele uma benganeme ngendlela okusetshenzwa ngayo esikoleni ukuze ukufundisa kungaphazamiseki.