ABAHOLI bendabuko abahambisani nomkhuba wokuxoxisana kwemindeni nabasolwa ngokulala nezingane zezikole bazikhulelise.
USihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, Inkosi Phathisizwe Chiliza uthe kuyichilo ukuthi abazali bangaxoxisana nomuntu osuke esolwa ngokukhulelisa ingane yesikole.
UChiliza uthe kunezigameko lapho okutholakala khona ukuthi ingane ikhuleliswe nguthisha noma umuntu omdala, kufanele kusukunyelwe ukuthi labo bantu abadala babhekana nengalo yomthetho.
Uthe akufanele abazali baxoxisane nalabo abenza lokhu ngisho kungathiwa ngothisha bazo izingane.
“Owethu umbono ucacile, uma uthisha ebe nobudlelwano obungafanele nomfundi waze wamkhulelisa, loyo thisha akufanele ukuthi abe sesikoleni. Kufanele adatshulelwe isitifiketi, athathelwe nezinyathelo zomthetho,” kusho uChiliza.
USIHLALO weNdlu yobuHoli boMdabu KwaZulu-Natal, iNkosi Phathisizwe Chiliza
Uthe izinyathelo zomthetho kufanele zithathelwe noma ubani olala nengane noma otholakala eyikhulelisile. Uveze ukuthi kwakudala kwakuyichilo ukuthi uthisha angakhulelisa ingane noma abe nobudlelwano nayo.
Ngokombiko wakamuva osanda kukhishwa abakwaStatistics South Africa, iLive Births 2017, zingu -120 000 izingane zamantombazane ezifundayo ezibelethe ngonyaka odlule.
Lo mbiko othathelwe kuminingwane egcinwe nguMnyango wezaseKhaya uveze nokuthi ezingu-3 261 zalezi zingane zineminyaka engu-10 kuya kwengu-14. Kuzona kukhona namantomabazane angu-119 645 aphakathi kweminyaka engu-15 no-19.
Umbiko uveza ukuthi iningi lobaba bezingane abaziwa ukuthi bangobani. Kwizibalo zabangu-37.3% imininingwane yabo etholakele, abangu-32.2% kuvele ukuthi ngabalisa abaneminyaka ephakathi kuka-30 kuya ku-35.
UChiliza uthe inkinga yokukhulelwa kwezingane, ikakhulu ukukhuleliswa kwazo abantu abadala yinto osekunesikhathi bekhuluma ngayo benethemba lokuthi kungaqiniswa ubudlelwano phakathi kwamakhosi noMnyango wezeMfundo ukuze kuliwe nalesi sihlava. Uthe bayajabula ngoba inhloko yoMnyango wezeMfundo, uDkt Enock Nzama ukhombisa ukuthi uzimisele ngokusebenzisana namakhosi.
Uthe bazimisele ukuthi basebenzisane nalabo abalwa nalesi sihlava, wanxusa ukuthi basebenzisane bonke labo abathi banendaba nekusasa lezingane.
UMnuz Themba Ndhlovu okhulumela umkhandlu olawula othisha iSouth African Council for Educators (Sace) uthe ukuze bakwazi ukuthi babhekane namacala abekwa othisha badinga ukuthi basebenzisane nawo wonke umuntu osuke ethinteka.
Uthe zikhona izigameko abathola kuzo ukuthi abazali bagcina bexoxisene nalabo abasuke besolwa ngamacala okulala nezingane bese kusulwa amacala asuke ebikiwe nokubathwesa ubunzima uma benza uphenyo lwabo.
Uthe uma uphenyo lwabo lusuke luhambe ngendlela ngokusebenzisana nawo wonke umuntu bakwazi ukuqinisekisa ukuthi lowo thisha osuke enecala akabe esaqhubeka nokufundisa.
“Sesike sabanxusa abazali ukuthi basebenzisane nathi futhi bangazenzi izivumelwano nalabo abasuke besolwa emacaleni ngoba lokhu kuyawuphazamisa umsebenzi wophenyo olusuke lwenziwa,” kusho uNdhlovu.
Uthe kufanele kucace ukuthi akubona bonke othisha abenza lo mkhuba nokuthi akubona kuphela abawenzayo.
Uthe iningi lothisha liziphethe kahle futhi lenza umsebenzi walo ngendlela. UNdhlovu uthe umsebenzi wabo ukususa labo abangamazambane abolile.