BONISWA MOHALE
UZIKHAHLELA ngezinyawo zombili izinsolo zokuthi ugula ngengqondo uMnuz Zandile Mafe (49) osolwa ngokushisa iPhalamende.
Ummeli kaMafe, uMnuz Luvuyo Godla utshele ezintatheli ngaphandle kwenkantolo ukuthi umuntu amumele akaguli ngekhanda futhi uzowaphika wonke amacala abekwe wona.
“UMafe uthe uphile saka, akazi ukuthi ivelaphi imibiko yokuthi ugula ngekhanda. Uthe ngeke adle kuze kube isicelo sakhe sebheyili siyalalelwa. Ukhale ngokuthi uhulumeni ebehluleka ukumnika ukudla esengaphandle ngakho ngeke akudle ukudla njengoba eboshiwe,” kusho uGodla.
UNkk Venetia Orgil ophakela abantu abahlala emgwaqweni yaseCape Town, uthe uyamazi uMafe futhi akasoze ashisa iPhalamende.
“Bonke laba yizingane zami engiziphakelayo. Ngiphakela abahlala emgwaqweni njalo ngoLwesine, uZandile bengimphakela naye. Akuyena oshise iPhalamende, uwumuntu othulayo, akanabo ngisho nabangani. Akanaye umngani nalana emgwaqweni, bayamazi nje ngokumbona kodwa akusibo abangani bakhe,” kusho uNkk Orgil.
Uthe ubeye enkantolo ukuyoseka uMafe nokusho ukuthi akusilona icala ukuhlala emgwaqweni.
“Abakhulule uZandile, bayofuna isigebengu esishise iPhalamende. Ubengeke nje alishise,” kusho uNkk Orgil.
Izolo, amacala kaMafe andile njengoba sekukhona nelobushokobezi, amanye awokushisa, ukuphatha isiqhumane nokugqekeza ngenhloso yokweba.
Icala lihlehliselwe uFebhuwari 11 ukuze uMafe ayohlolwa isimo sengqondo esibhedlela sengqondo.
UGodla uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi uMafe wahlolwa ingqondo ngoJanuwari 3 kodwa akazange aziswe lokhu njengommeli wakhe.
Uthe ukuvela kwezindaba zokuthi uMafe une-schizophrenia zikhishelwe ukubadida ezinhlelweni zabo.
UMnuz Eric Ntabazalila okhulumela uphiko lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority (NPA), uthe icala lihlehliselwe uFebhuwari 11 ukuze uMafe ayohlolwa ingqondo.
Ebuzwa ukuthi ngubani owamhlola ingqondo emuva kokuboshwa, uthe mhlawumbe woKlebe kodwa ngeke akwazi ukukuqinisekisa lokho.
Uthe abameli bakaMafe bafuna ukucela ibheyili kodwa uMbuso awuboni ukuthi kufanele siqhubeke njengoba ungazi noma ummangalelwa uyakuqonda yini okuqhubeka enkantolo.
Uphethe ngokuthi uphenyo luyaqhubeka ngomlilo wasePhalamende.