UTHEMBELE kwinkantolo ukuthi igeze igama lakhe uDkt Bandile Masuku, obenguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng, nosanda kuxoshwa.
UMasuku uxoshwe ngesonto eledlule emuva kombiko we-Special Investigating Unit (SIU), oveze ukuthi waba namabatha ngesikhathi kukhishwa ithenda kaR125 million eyanikwa inkampani iRoyal Bhaca.
Inkampani eyahlomula ngethenda ngeyenkosi Thandisizwe Diko, ongumyeni kaNkk Khusela Diko okhulumela ihhovisi likamengameli.
UMasuku ubenikwe ikhefu ngesikhathi kuphenywa kanti isikhundla sakhe besibanjwe wuMnuz Jacob Mammabolo kwaze kwaba uyaxoshwa.
UNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura, umemezele ukuthi uyamkhipha uMasuku esikhundleni ngoba umbiko awumbeki kahle futhi kubalulekile ukuthi abantu besifundazwe babekwe phambili.
UMasuku uthi kukhona angenelisekile ngakho yingakho udaba ezoluphosela inselelo. Ukhiphe isitatimende aseneke kwiTwitter ebalisa ngokuthi akukho akwenzile okuphambene nomthetho.
“Sengibe yilungu le-ANC elikhuthele iminyaka engu-31 futhi bengihlala ngihambisana nayo yonke imigomo yenhlangano.
“Angikaze ngizame ukuzihlomulisa mina, umndeni wami noma abangani bami ngemali yabakhokhi bentela.
“Kungakho ngibona sengathi kufanele ngisebenzise ilungelo lami ngiwuphonsele inselelo umbiko,’’ kusho uMasuku esitatimendeni.