USULILE ekubeni yilungu lesiShayamthetho obengungqongqoshe wezemfundo KwaZulu-Natal uMnuz Mthandeni Dlungwane ongazange abuyiselwe kulesi sikhundla ngemuva kokuqokwa kwekhabhinethi yesifundazwe.
UDlungwane obenguSihlalo welinye lamakomiti esiShayamthetho isikhala sakhe sivalwe ngelinye ilungu le-ANC.
Okhulumela isiShayamthetho uMnuz Wonder Hlongwa, ukuqinisekisile ukuthi uDlungwane usulile ekubeni yilungu lesiShayamthetho.
Uthe likhona elinye ilungu elifungisiwe elivale isikhala sikaDlungwane.
“Singakuqinisekisa ukuthi uMhlonishwa uDlungwane usulile njengelungu lesiShayamthetho. Umuntu osivalile lesi sikhala uMnuz Sbonelo Mtshali ofungiswe wuSomlomo uNksz Nontembeko Boyce,” kusho uHlongwa.
UDlungwane kuzokhumbuleka ukuthi uke waba yingxenye yamakomiti amaningi esiShayamthetho ngaphambi kokuba abe nguNgqongqoshe wezemfundo.
Kwezemfundo ubaziwa ngokumisa othisha nezikhulu abezibona ukuthi azihambisi ngendlela efanele.
Zingaphezulu kwezinhlanu izikhulu azimisa emnyangweni wezemfundo ngamacala ahlukene.
Phakathi kwezikhulu azimisa kubalwa uNksz Hlengiwe Mcuma owayephethe izimali zomnyango.
Ngaphandle kokuba ngungqongqoshe wezemfundo nelungu lesishayamthetho, uDlungwane ubengusihlalo wesifunda iMoses Mabhida.
Lesi ngesinye sezifunda esike sagajwa yizinkinga zamalungu abefuna kuhlaliswe ingqungquthela yesifunda aze aya enkantolo.
Kuze kube yimanje le ngqungquthela ayikahlali kanti akucaci ukuthi izohlala nini.
Isikhundla sikaDlungwane kwezemfundo sivalwe nguMnuz Kwazi Mshengu.