KUSHONE owesifazane obebhukhe kwelinye lamahhotela nobhuti wakhe wasemzini namhlanje ekuseni bengazi ukuthi izinto zizongahambi ngohlelo. Lo wesifazane (56) uficwe uphiko lweReaction Unit South Africa emini namhlanje ehhotela elikuWick Street evele esethule ekhona nalo wesilisa (50). Lo wesilisa uzidelile wabiza uphiko lweReaction Unit South Africa ukuba liphuthume lizomsiza ngesikhathi esebona ukuthi sengathi usethule.
Inkinga iqale ngesikhathi lo wesifazane ekhala ngenkinga yokucineka umoya esamuwotawota emuva kwalokho wavele wangabe esanyakaza. Uphiko lweReaction Unit South Africa efike kuqala endaweni yesigameko ikhethe ukuyigodla eminye imininingwane ukuvikela isithunzi salaba bobabili. Uphenyo mayelana nokushona kwalo wesifazane luyaqhubeka ukuthola ukuthi ngabe yini imbangela yokushona kwakhe.
Kuthintwa okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala, uthe alikho icala elivuliwe ngalesi sigameko njengoba othintekayo ezishonele ngokwemvelo.
Echaza uthe esimeni esinjena akuvulwa icala uma umuntu eshone ngokwemvelo, umndeni uwona ongachaza ngalolu daba ukuthi kwenzekeni.