USAZOHLALA esitokisini uNobhala we-EFF esifundeni Ugu, uMnuz Mpume Mbono, owaboshelwa icala lokushaya.
Bekulindeleke ukuthi uMbono afake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi eRamsgate izolo, kepha icala lakhe liphinde lahlehla.
Lihlehlele uJanuwari 21.
UMbono waboshwa kanye nabanye abasolwa abathathu ngecala lokushaya elenzeka olwandle eMargate.
Lesi gameko senzeka ngoDisemba 27 kanti laba abanye abasolwa badedelwa ngesexwayiso babe sebeyalelwa ukuthi bavele enkantolo ngoJanuwari 23.
Amalungu e-EFF abebhikisha ngaphandle kwenkantolo efuna ukuthi uMbono adedelwe ngebheyili.
La malungu athi uMbono umsulwa emacaleni abekwa wona njengoba bethi uyena owahlaselwa kuqala wabe esephindisela ngoba ezivikela.
La malungu athe azophinde abuye uma esephinda esevela enkantolo uMbono, ezomeseka.