USASHAQEKILE owesifazane wakwaNqokotho KwaNongoma, osinde kukubi ehlaselwa yiqembu leSkebhe sasendaweni, okuthiwa simshaqe kubo engazelele.
UNksz Simphiwe Khumalo ( 28 ), uthi namanje usathuthumela uma ecabanga isihluku ahlangabezane naso ngoMgqibelo odlule ngenkathi kugasela abantu abebehamba ngezimoto ezimbili namaveni amabili kubo ngabo-7 ekuseni.
Uthe bebelele ngenkathi kugasela abantu abahlanu, okubalwa kubo nabesifazane ababili. Kuthiwa baqale benza sengathi bafuna ukuthenga imikhiqizo yeHerbal Life, njengoba eziphilisa ngokudayisa. Ithimba labantu abangu-11, kuthiwa limthathe ngoshova uNksz Khumalo, lamfaka kwenye yezimoto ebelihamba ngazo.
Umzala kamgilwa obesola ukuthi kabezile kahle laba bantu, kuthiwa ulande iqembu labangani bakhe, elivimbe izimoto ngokusizwa ngamalungu omphakathi. Kuthiwa abasolwa babaleke nomgilwa (uNksz Khumalo) belubangise ehlathini elisendaweni, eMona.
“Umqondo wami wubusudidekile ngenkathi kuxabana amalungu omphakathi nabantu abebengithumba,” kuchaza owesifazane.
Eqhuba, uthe uzamile ukubuza kumlisa obeshayela imoto abekuyo kodwa wahluleka ukuthola ukuthi wenzeni njengoba emtshele ukuthi yena uqashelwe ukuba ngumshayeli kuphela.
“Ukube kaliqhamukanga iphoyisa ehlathini mhlawumbe ngabe kukhulunywa okunye ngami namhlanje. Okungikhathazayo wukuthi namanje angazi ukuthi yini eholele ekutheni ngihlukunyezwe ngaleya ndlela. Ngizizwa ngingasaphephile nhlobo,” kubeka uNksz Khumalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokuthunjwa kowesifazane kule ndawo.
“Kuvulwe icala lokuthumba nelokuzama ukubulala esiteshini saKwaNongoma. Abasolwa abangu-11 abathinteka kuleli cala bavele kafushane eNkantolo yeMantshi kule ndawo ngoMsombuluko. Bonke abasolwa basagcinwe esitokisini ngenxa yophenyo olusaqhutshwa ngamaphoyisa,” kubeka uGwala.
Ethintwa usihlalo weSklebhe esifundazweni, uMnuz Tallman Zuma, uthe bebengakezwa lutho mayelana nokwenzekile.
“Zonke izinhlangano ezisebenza ngaphansi kweKZNCCPA elwa nobugebengu, ziyaye zixhumane nezinduna, amakhansela kanjalo namaphoyisa. Asizithatheli izinqumo ngaphandle kokuxhumana nobuholi bendawo nabomthetho. Ngakho- ke kuyiphutha okwenziwe yilabo bantu,” kusho uZuma.
Uphethe ngokuthi uzolulandelela udaba ukuze athole kabanzi ngokwekenzekile.