UMCULI wezingoma zothando uRingo Madlingozi oya ePhalamende likazwelonke njengoba iqembu lakhe i-EFF lithole izihlalo ezanele, uthi uzofike alwele amaciko.
URingo usendaweni ka-39 ohlwini lwabantu abazomela i-EFF ePhalamende njengoba leli qembu kuvele ukuthi lizothola izihlalo ezingu-44.
Umgcinimafa we-EFF kuzwelonke uLeigh-Ann Mathys ukuqinisekisile kuTwitter ukuthi uRingo uya ePhalamende.
“Angikatshelwa ngesinqumo kodwa ngizozama ukukhulumela abaculi,” kusho uRingo.
Uthe ayikho imithetho elawula futhi evikela abaculi eNingizimu Afrika.
“Kumele kube nendlela eqondile yokusebenza nabaculi bazi ngezimali okumele zize kubo. Kudala izinkampani zokuqopha zizenzela kubaculi ngoba ayikho imithetho. Kuzoba ngcono ngoba sizoxoxa nabanye bezomthetho sizame ukuqhamuka neqhinga lokuthi abaculi bavikeleke,” kusho uRingo.
Uthe abaculi abakwazi ngisho ukuthenga imizi ngoba amabhange awabathembi.
“Umculo awuhlonishwa kanti yiwo ophethe amasiko ethu futhi uyingxenye yemvelaphi yethu. Iningi nemali ephuma ngaphandle nokuyinto okumele ibhekwe ukuze nabaculi bezokwazi ukuhlomula bese bebuyisela emphakathini abavela kuyo. Bacasukile abaculi ngoba badumile kodwa abanalutho olukhombisayo. UHlaudi (Motsoeneng) wazama ukuthi kube nomthetho wokudlala umculo wakuleli kodwa mhlawumbe yindlela enza ngayo. Kungenzeka ukuthi inkinga yaba kwipolitiki noma abakhangisi okuyizinkampani zangaphandle ezifuna kusetshenziswe abaculi basemazweni azo. Ngeke vele inkampani mhlawumbe yaseShowe iyozinza eLondon bese ingafuni ukuthi kusetshenziswe abaculi baseShowe,” kusho
yena.
Uthe ngeke umculo awuyeke ngisho esesePhalamende.
“Umculo uyimi. Uma ngingawuyeka ngingafa.”
Ubonge abantu ngokubavotela wathi bazokwenza konke okusemandleni ukuyobamela ngobuqotho.