UMENGAMELI Jacob Zuma uzohlangana noMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa njalo ngoLwesibili, lesi yisinqumo esithathwe wubuholi obuphezulu be-ANC kuleli sonto.
Lezi zindaba zikhishwe nguNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule namhlanje.
Akazange achaze ngokuthi kungani bethathe lesi sinqumo njengoba bekuneziphakamiso zokuthi uZuma ehle esikhundleni.
UMagashule ubekhuluma ehholo eliseNgcobo eduze kwaseMthatha nabalandeli ne-ANC.
Uthe i-ANC inezinhlelo zayo ngeke itshelwe ngabezindaba nabathile ukuthi kumele yenzeni ngoZuma.
"Azikho izinhlaka ezimbili zombuso kune-ANC. I-ANC iyona ethatha izinqumo lokhu sakucacisa eFree State ngo-1996," kusho uMagashule. Uphinde wagxeka labo abahlukanisa i-ANC esho nokuthi uzoqhubeka nokusebenzela i-ANC ngaphansi kukaRamaphosa yize ayeseka uDkt Nkosazana Dlamini Zuma ukuthi angene esikhundleni sokwengamela i-ANC.
UMagashule uthe ukuhlukana phakathi kwe-ANC kukhiphele ngaphandle abaholi abaqotho be-ANC.
Ubalule ukungabikhona kukaNobhala Jikelele weSACP uDkt Blade Nzimande njengenkinga edalwa wukuhlukana phakathi kwe-ANC.
"Izimeya, ongqongqoshe abadalayo bazowukhomba umuzi onotshwala. Wonke umuntu kufanele akhombise ukuthi usebenzela abantu. Sizoqasha namasosha oMkhonto weSizwe ukuthi abe yizinhloli," kusho uMagashule.
Uxwayise ngokuthi uma i-ANC ingabumbani izolahlekelwa wumbuso ngo-2019, kwenzeke lokho okwenzeke eNelson Mandela Bay Metro, Johannesburg naseTshwane.
Uphinde waveza ukuth balukhulumile udaba lwemfundo yamahhala.
"Imfundo yamhhala yenzelwa izingane zabahola ngaphansi kuka-R350 000 ngonyaka. Mina ngihola u-R3.2 million ngonyaka kufanele ngizikhokhele izindleko zemfundo yezingane zami," kusho uMagashule.
Kolunye uhlangothi uRamaphosa uvakashele ethuneni likaMengameli wokuqala weNtando yabantu uMnuz Nelson Mandela eQunu, wathi bazojeziswa labo abantshontsha imali yabakhokhi bentela.
"Sizokwenza konke okusemandleni ukulandela imigomo kaMandela silwe nobubi obusezweni. Labo abantshontsha imali yabakhokhi bentela sizobaqondisa. UMandela ubefuna silwe nenkohlakalo kwi-ANC nasezweni jikelele. Ukuze iNingizimu Afrika kube ngeyabo bonke abantu," kusho uRamaphosa. Omunye umbiko uGeorge Matlala