KUBOSHWE owesilisa ongusonhlalakahle ngecala lokuqotha amalungu ayisithupha omndeni ngezinsolo zokuthakatha eNkanini, eShowe.
Umsolwa oneminyaka engu-36, kulindeleke avele maduzane enkantolo yaseShowe ngecala lokubulala abayisithupha ahlobene nabo.
Isigameko esichazwe njengesihlasimulisa umzimba senzeke eNkanini ngabo-11 ebusuku ngoMgqibelo. Ababulewe batholwe ngeSonto ekuseni bembondelene endlini ekameleni.
Kulesi sigamemo kubulawe uMnuz Christopher (70), unkosikazi wakhe uNkk Octavia Khumalo (iminyaka engatholakalanga), Mbali (30), Snothile (18), uThabo (10), bonke abangabakwaKhumalo, nentombazanyana uLangelihle Sgampu (8). Kulesi sigameko kusinde owesifazane obeyobeletha, nengane eneminyaka eyisishiyalolunye okuthiwa icashe ngekhethini ngesikhathi umsolwa ehlasela.
Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi umsolwa ufike wasola laba bomndeni ngokuthakatha nangokuthinteka ekufeni kwezinye zezihlobo zakhe.
“Umsolwa ongusonhlalakahle eKranskop, kuthiwa ufike wasola laba bomndeni ngokuloya, yize kungacacile ukuthi kanjani ngoba bonke abebekhona ubabulele ngaphandle kwengane eneminyaka eyisishiyagalolunye etholwe ilele endlini. Ilale nezidumbu zababulewe ngoba lapho kade icashe khona ize yazumeka. Ivuswe yiselula ebikhala, kushaya ucingo lo osindile, obeyobeletha,” kusho umthombo.
Isolezwe lithinte ikhansela lakule ndawo, uMnuz Pat Shange, othe bakhathazekile kakhulu ngesigameko kodwa wancoma amaphoyisa ngokuboshwa kukamsolwa.
“Emuva kokuthola umbiko sithuke sonke emphakathini. Siyile ukuyobona umndeni nezinduna, nobunye ubuholi. Ngenxa yokuthi umndeni ubulewe wonke, sabe sesibonana nezihlobo nomakhelwane.
“Okusijabulisayo ukuthi umntwana owasinda uyena owalekelela ukuba aboshwe umsolwa. Asitholanga yonke imininingwane ngokwenzekile ngaphandle kokuthi kwaba khona izinto azikhulumayo ezithinta umndeni, wabe esebadubula. Ukuboshwa kukamsolwa kwenza umphakathi uzizwe uphephile ngoba bese kumuncu,” kusho uShange.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe umsolwa uzovela maduze enkantolo.
“Ngokophenyo olusenziwe, umsolwa ufike ekhaya lezihlobo zakhe, wavula isicabha ngembazo etholwe endaweni yesigameko. Ubize bonke abomndeni ndawonye. Ubehlome ngesibhamu asisebenzise ukudubula amalungu ayisithupha aphakathi kweminyaka eyisishiyagalombili nengu-70. Umsolwa ube esebaleka. Utholwe ngoMsombuluko ebhacile eGreytown. Umsolwa oneminyaka engu-36. Uzobhekana namacala okubulala, uzovela maduze enkantolo,” kusho uNaicker.
Ibamba loMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uMajor General Thulani Gonya, uncome amaphoyisa aseShowe athe awazange elale ethungatha umsolwa.
Abomndeni abazange batholakale njengoba kuthiwa babhacile.