UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uDkt Blade Nzimande namhlanje umemezele uhlelo lokubuyela kwabafundi ezikhungweni zemfundo ephakeme kusukela ngoJuni 1.
Njengoba kuzokwenzeka ezikoleni, uNzimande uthe nasezikhungweni zemfundo ephakeme akuzobuyela wonke umfundi, kodwa kuzobekwa eqhulwini abafundi abenza unyaka wokugcina ezifundweni zabo ukuthi babuyele kuqala ezikhungweni..
Uthe uMnyango ukhethe ukuthi ukubuyela ezikhngweni ukuhlukanise ngokwezigaba.Njengoba izwe lizongena ezigabeni sesithathu sikathaqa, wu-33% kuphela wabafundi abazovunyelwa ukubuyela ezikhungweni zemfundo.
Ukugcizelelile ukuthi empeleni uhulumeni uzama ngayo yonke indlela ukuthi lo nyaka ungaphazamisi uhlelo lokufunda onyakeni ka-2020.
UNzimande uveze nokuthi abafundi abazovunyelwa kakhulu ukuthi baye ezikhungweni, yilabo abadinga izinsiza kufunda ezifana namaLaboratory ukuze bakwazi ukwenza umsebenzi wabo wesikole.
Uthe abafundi bazothola imiyalelo ezikhungweni abafunda kuzona ezizobazisa ukuthi sebengabuyela yini, okusazothatha amasonto amathathu kusukela izwe lingenile esigabeni sesithathu sikathaqa.
iUNzimande uthe lamasonto amathathu azonikeza ithuba abafundi okumanje bakwezinye izifundazwe ngenxa yokuvalwa kwezwe.Kunezimvume athe bazozithola ukuze bakwazi ukweqa ezifundazweni abazobe besuka kuzona beya lapho befunda ngakhona.
Ukugcizelelile ukuthi abafundi abazokwakha u-33%, kuhlanganisa nalabo abazobe bebuyela ezindaweni zokuhlala zabafundi, kodwa uma sekusesigabeni sesibili, u66% uyobe usuvunyelwa.Kulolu hlelo kukhona nolwamaTVET College.
"UN6 no N3 bazobuyela ezikhungweni ngoJune 6, kuthi uN5 noN2 babuyele ngoJune 15, uN4 noN1 bona babuyele ngoJune 22," kusho uNzimande.
"Silawulwa yimigomo yokubeka eqhulwini ukuphepha kwabantu nokuthi kungaphazamiseki ukufunda, izikhungo amaCET Colleges wona ngeke abuyele, azosebenzisa lesi sikhathi ukulungiselela amahhovisi nezikhungo okufundwa kuzo ukuze kulungele ukubuya kwabasebenzi nabafundi uMeyi,"kusho uNzimande.
UNzimande uthe ngeke usebenze nakancane umgomo wokuthi 'uma kuphase oyedwa siphase sonke'.
Abafundi abaphila nokukhubazeka, uNzimande uthe bewuMnyango bababeke eqhulwini kulezi zinhlelo.
Kulolu hlelo kuzophinde kubhekelelwe labo bafundi okunzima kubona ukuthi bakwazi ukufundela emakhaya ngenxa yezizathu ezinqala ezenza ukuthi kungafundeki. Bona bazonikwa ithuba lokuyohlala ezindaweni zokuhlala abafundi.
Esigabeni sokuqala yilapho uNzimande athe abafundi bonke bayobe sebevumeleka ukuthi bangabuyela bonke ezikhungweni.Nalapho futhi abafundi bayonikwa amasonto amabili ukuze bakwazi ukusuka ezindaweni abakuzona njengamanje, beya ezikhungweni zemfundo.