Osomabhizinisi abasathuthuka bacobelelane ngolwazi ngokuthi bazowadala kanjani amathuba emsebenzi njengoba iNingizimu Afrika ingenye yamazwe anesibalo esiphezulu kakhulu sentsha engasebenzi.
Le ntsha icobelelane ngolwazi ngesikhathi ihlangene noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi aMancane uNkk Stella Ndabeni-Abrahams eThekwini ezomemezela uhlelo lukahulumeni i-Youth Challenge Fund okuyilo eluzosiza osomabhizinisi abasebancane ukuthi baqale futhi bathuthukise amabhizinisi abo.
UNkk Ndabeni-Abrahams uthe abamabhizinisi bayadinga kakhulu ukuxhaswa nguMnyango ngoba bebodwa ngeke babe nemali eyanele ukusiza osomabhizinisi abasebancane. Uthe kubalulekile ukuthi amabhizinisi amakhulu nanolwazi asize lawa asafufusa ukuze nawo ezophumelela.
“Kubuhlungu ukubona osomabhizinisi abasebancane bengalutholi uxhaso ngenxa yokushoda kwemali. Lokhu akamele kubathene amandla kepha baphokophele phambili ngoba benza umehluko emnothweni waseNingizimu Afrika,” kusho ungqongqoshe.
Isekela lakhe uMnuz Sdumo Dlamini lithe izwe lethu lingaba kwelinye izinga kwezomnotho njengoba intsha izibonakalisa ukuthi izimisele ngokusebezna ngokuzikhandla. UDlamini ugcizelele ngokuthi kubalulekile ukuthi nabantu abasezindaweni zasemakhaya bafundiswe izindlela zesimanje nezinobuchule ukusungula amabhizinisi.
“Abantu abasezindaweni ezisemakhaya abangazizwa besele ngaphandle ekuthuthukiseni umnotho waleli zwe. Kuhle bafundiswe ukubhalisa amabhizinisi abo, abe semthethweni ukuze ezokwenza inzuzo engakwazi ukukwakha amathuba omsebenzi.” kusho uDlamini.
Omunye wosomabhizinisi abancane uNksz Mandisa Ndlela weZenotho IT Solutions uziqalele ibhizinisi lokuthi abalimi bakwazi ukonga amanzi nokuthi izitshalo zikhule ngendlela efanele. Uthe kubalulekile abantu bezifundise ukuphatha kahle izinto eziyimvelo, bakwazi ukuzenzela imali ngezandla zabo.
UNksz Nompumelelo Gigaba ongomunye wosomabhizinisi abasebancane usungule iJJ and Pals okuwuhlelo lokusiza abantwana bamabanga aphansi bakwazi ukufunda izibalo, onkamisa ngendlela elula nabangayithokozela. Uthe iningi labafundi bezikole aseke bazivakashela baluthokozele kakhulu lulo hlelo futhi luzoba wusizo ezifundweni zabo.
UNkk Ndabeni-Abrahams uthe umengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa uzimisele ukuxhasa amabhizinisi amancane angu-15 000 kusukela ku-2021 kuya ku-2024. Uthe la mabhizinisi azoxhaswa ngoR50 billion. Banethemba lokuthi baningi osomabhizinisi azohlomula kulolu xhaso.