ZIYAVEVA izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal ngesekhula yoMnyango wezeMfundo evimbela izikole ukuthi ziqashe othisha ngonyaka ozayo.
Isekhula ithi izikole kumele zisebenzise isibalo sabafundi sango-2017 esaziwa ngePost Provisioning Norm (PPN).
I-PPN wuhlelo umnyango owaba ngalo othisha ezikoleni usebenzisa isibalo sabafundi. Uhlelo lusetshenziswa ukunquma ukuthi isikole sithola malini eqhamuka emnyangweni nokwesibalo sabafundi.
Lokhu kusho ukuthi noma isikole singakhulelwa yisibalo sabafundi sizoqhubeka sibe nesibalo esifanayo sothisha ngonyaka ozayo.
UMengameli weNatu, uMnuz Allen Thompson, uthe kabahambisani nalokhu ngoba izikole zizoqhubeka zigcwale kakhulu ngoba minyaka yonke isibalo sabafundi siyanyuka.
Uthe lokhu kuvimbela nokuthi isikole sikhule ngokuthi sinyukele esigabeni esilandelayo ngokukleliswa kwaso okusho ukuthi othishanhloko bazohola kangcono uma sikhula.
“Minyaka yonke isibalo sabafundi siyakhula ngoba kukhona abasha abazofika. Akukwazi ukuthi isibalo singakhula bese kuthiwa esothisha asinganyuki. Uma kusetshenziswa uhlelo lwePPN lwango-2017 kusho ukuthi asinyukile isibalo sabafundi okuyinto engekho leyo,” kusho uThompson.
Uthe uma singandiswa isibalo sothisha kusho ukuthi incane imali ezoya ezikoleni kodwa isibalo sabafundi sibe sikhulile.
“Sifuna ukwazi imali iyephi ngoba uma kunyuka isibalo sabafundi, kumele nemali kathishanhloko inyuke. Ukunganyuswa kwemali kusho ukuthi iyongiwa bese ishonaphi? Amakilasi azoqhubeka agcwale ngoba sizokwanda isibalo sabafundi,” kusho uThompson.
Uthe bazofuna umhlangano nezikhulu zomnyango ukuze kulungiswe le nto ngoba izikole zithwele kanzima.
UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe basola ukungabikhona kwemali emnyangweni okwenza kusetshenziswe iPPN yango-2017.
Uthe lokhu kuwukuphula ilungelo lo mfundi lokuthi athole imfundo ngoba kusho ukuthi othishanhloko ngeke bamukele abafundi.
“Awukwazi ukunqabela umfundi ilungelo lokuthi afunde. Uma kuthiwa akusetshenziswe iPPN endala kusho ukuthi kunabafundi abangeke bamukelwe, into ephambene nomthethosisekelo wezwe.”
Okhulumela umnyango wezemfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe bahlale bezixwayisa izikole ukuthi zingamukeli abafundi abaningi ukudlula isibalo sothisha esabelwe sona.
“Izikole kumele zilandele umgomo womnyango njengoba sihlale sizixwayisa ngokuthi zingathathi abafundi abaningi ngoba zifuna ukwandiselwa othisha. Kumele zithathe ngokwesibalo esikhona sothisha.”