UMSAKAZI weMetro FM, uMo Flava usaqhubeka nakulo nyaka ukufukula imfundo yakuleli ngokutakula ngemifundaze abafundi abaphuma emindenini edla imbuya ngothi.
Lo msakazi owethula ngokuhlanganyela uhlelo lwantambama noMasechaba Ndlovu oluthi The Drive, ukhipha le mifundaze ngokubambisana nesikhungo semfundo ephakeme iBoston Media House. Ekhuluma neSolezwe, uMo Flava uthe umkhankaso wakhe wokunikezela ngemifundaze uzoqala ophikweni lalesi sikhungo oluseThekwini ngoMgqibelo.
Echaza ngokusungula lo mfundaze, lo msakazi uthe ukhuthazwe ukukhula kanzima.
“Nami ngafunda khona eBoston, kungekho lula ngenxa yokuthi imali beyingekho. Okwacishe ngangiphoqa ukuthi ngishiye phansi. Nangesikhathi sengisebenza bengihlangabezana nentsha engibuza ngokuthi ingenza njani ukuze yenze lo msebenzi engiwenzayo. Bengithi uma ngiyitshela ukuthi kufanele iyofunda, ikhale ngokweswela imali. Yingakho-ke ngathi angisungule lo mfundaze ukuze ngiyisize ifeze amaphupho ayo.”
Uthe abantu abahlinzeka ngalo mfundaze yilabo abathole imiphumela emihle nyakenye noma ngo 2017 futhi abaphuma emindenini engamile kahle ngasemnothweni.
“Umuntu ofuna lo mfundaze ungithumelela imiphumela yakhe ka-matric kuWhatsApp (0812687518). Ngibe sengimfonela ngimbuza ukuthi uphuma emndenini onjani futhi sengimazisa nokuthi sizohlangana kuphi naye.”
UMo Flava uthe uzoqala eDurban Campus ngoJanuwari 19, adlulele eSandton Campus ngoJanuwari 26 bese egcina ePretoria Campus ngoFebhuwari 2.
Ucele abafundi ukuba baqale bazi ukuthi bafuna ukwenza muphi umsebenzi uma sebephothule izifundo zabo.
“Akuve kungiphatha kabuhlungu ukuzwa umfundi esethi uyahluleka ukwenza izifundo azikhethile, manje usefuna ukuzishintsha. Abanye bafunde baqede kodwa bahlulwe yimisebenzi abayikhethile. Umuntu ngaphambi kokufaka isicelo somfundaze akenze isiqiniseko sokuthi useyazi ukuthi ufuna ukufundela muphi umsebenzi,” kusho uMo Flava.Uthe kudingeka abafundi abazimisele ngokwenza izifundo eziphathele nomsakazo, ukukhiqizwa komculo, ukudijeya, Animation neGraphic Design.
Sekungunyaka wesishiyagalolunye uMo Flava efundisa intsha mahhala.