ISIKHUBAZEKILE ingane yentombazana (10) yaseMkhazini ngaseNsimbini, eFolweni, okusolwa ukuthi ibidlwengulwa iphindelela umalume wayo onguMfundisi webandla labasindisiwe kule ndawo.
Ngokusho kukababekazi wale ngane esingeke samdadulula ngenhloso yokuvikela le ngane, umsolwa ungumalume kuyona ingane, okusho ukuthi ungumfowabo kanina wentombazane.
Ubabekazi wale ntombazanyane, uthe udokotela ohlole ingane, uthe sekuzophoqeleka ukuthi ikhishwe isibeletho ngoba ilimele kakhulu, ngeke isakwazi ukuthola abantwana.
“Ngezwa ngezinye izingane efunda nazo ukuthi izitshela ukuthi ilalwa ngumkhulu (umalume wayo),” kusho ubabekazi wayo.
Uthe emva kokuthi ezwe lokhu wayithatha wayiyisa kudokotela esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlaza, okunguyena udokotela omtshele lezi zindaba ezishaqisayo.
Ngokukababekazi wale ntambazane, ingane imtshele ukuthi umfowabo ubeyitshele ukuthi ayigibele kuyena ngenkathi ezitika ngayo.
Kwesinye seziwombe, uthe ubeyidlwengulela ethoyilethi nasendlini uma ubabekazi wayo eye edolobheni noma eyoyiholela iqolo. Kuthiwa ubeyiyenga ngokuthi athi uzoyithengela u-2 quire okuyincwadi yesikole, aphinde ayinike neshumi.
“Umntwana ulimele kakhulu. Uyagxamalaza uma ehamba. Esikoleni kuthiwa akasaceli nokucela kuthisha uma efuna ukuyochama, kubonakala umchamo usuziphumela nje,” kusho ubabekazi.
UMPHAKATHI waseMkhazini, eNsimbini, ngaseFolweni obutheleke ngezinkani uzokweseka umndeni wentombazane okusolwa ukuthi idwengulwe umfundisi, uzwakalise ilaka lawo ngezingqwembe ebezigxeka uMfundisi ongumalume wentombazane okuthiwa ubeyidlwengula ephindelela Isithombe: TUMI PAKKIES
Noma ihamba kuthiwa isihamba igxamalazile ngenxa yokulimala kanzima esithweni sayo sangasese.
Lo mfundisi izolo uvele okokuqala enkantolo yeMantshi eNsimbini, icala lahlehliselwa uSebthemba 14 ukuze afake isicelo sebheyile.
Umphakathi obutheleke ngezinkani uzokweseka lo mndeni wale ntombazane, uzwakalise ilaka lawo ngezingqwembe ebezigxeka isenzo salo mfundisi.
Ezinye zalezi zingqwembe, bezithi “Phansi nabadlwenguli”, neminye imibhalo eminingi.
Omunye wamalungu omphakathi obebhikisha, uthe le nceku yeNkosi ibahlaze kakhulu ngoba kade ingumuntu othembekile emphakathini.
“Ungumfundisi owaziwayo endaweni. Uyena ohambe engena umuzi nomuzi ethandazela abantu kanti uyazenzisa,” kubabaza ilungu lo mphakathi.
Lithe nalo lo mfundisi wake wafika kubo kwalo ezobakhulekela, kangangokuthi waze wakhipha uR50 ethi uyanikela kuyena, ubonga ukuthi umthandazele wazizwa egcwala amandla enkolo.
Ngaphandle kokuhambela imindeni, kuthiwa umsolwa uyindoda eyaziwayo endaweni ngoba nasezikoleni, emitholampilo yendawo, ishumayela iqeqebule ngezwi leNkosi.
Lo msolwa usagcinwe esitokiseni samaphoyisa kule ndawo.