KUSHONE elayizolo isigcwele ezinkundleni zokuxhumana indaba yokuthi umdansi wase-Afrotainment unukubeze intombazane (13) ngokocansi.
Lo mdansi, ongeke adalulwe ngoba akakaveli enkantolo, kuthiwa ucelwe yintombazane uR8 ngeSonto wayibuza ukuthi ihleli nobani ekhaya yathi ihleli yodwa wase eyilandela.
Ngokusho kukanina wentombazane, kuthe isingene endlini wayilandela lo mdansi wayiphushela ekamelweni labazali bayo, wayehlisa ama-legging nephenti wayifaka iminwe esithweni sangasese.
“Ingane ithe ufike ephethe uR10 wazama ukuyiqabula kodwa yanqaba wayiphushela ekamelweni lethu. Kulapho eyehlise ama-leggings nephenti wayifaka iminwe. Ithe imphushile yamtshela ukuthi ayikuthandi lokho akwenzayo kodwa waqhubeka,” kusho unina wentombazane.
Uthe yize lokhu kwenzeke ngeSonto kodwa indodakazi yakhe ayibatshelanga ngalelo langa ize yaxoxela uthisha wayo ngoMsombuluko okunguye ocele umzali ukuthi aphuthume ngoba sekuvele inkinga.
“Ngesikhathi besishayela ucingo emsebenzini bengizitshela ukuthi mhlawumbe ingane ibe sengozini yemoto ngacela ukuthi uthisha achazele imenenja yami. Ingivumele ukuthi ngiphuthume esikoleni lapho ngithole khona ukuthi kwenzekeni. Ingane siyiphuthumise esibhedlela iRK Khan, odokotela bayixilonga base bevula icala lokunukubeza ngokocansi esikhungweni esisiza abahlukunyeziwe esisesibhedlela esibizwa ngeThuthuzela Centre,” kusho unina wengane.
Uthe akakaze acabange ukuthi lo mdansi angenza into efana nalena ngoba ukhulele phambi kwabo kwazise bakhelene.
UCaptain Nqobile Gwala, wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe amaphoyisa abophe owesilisa (31) osolwa ngokudlwengula intombazane (13) engumakhelwane wakhe ebisele yodwa ngabo-2 ntambama ngeSonto.
Uthe amaphoyisa ophiko olubhekele udlame emndenini namacala ocansi eChatsworth avule icala lokudlwengula, owesilisa kulindeleke ukuthi avele namhlanje enkantolo yeMantshi yaseWentworth.
Isolezwe lizamile ukuthola uTira ongumphathi we-Afrotainment kodwa ucingo lwakhe belungangeni. Kuthe seluvuliwe belulokhu luvalwa uma lukhala.
Lo mdansi uyavela enkantolo namhlanje ekuseni.