UMHOLI weDA, uMnuz Mmusi Maimane, ufunge wagomela ukuthi uzokwenza isiqiniseko sokuthi bayajeziswa bonke abantu abanukeka enkohlakalweni yokugixabeza umndeni wakwaGupta ngezigidi zemali yasepulazini laseFree State.
Ethula inkulumo enkundleni yezemidlalo iPholani, eNtuzuma, izolo uMaimane uthe ngeke aphumule uNobhala-jikelele we-ANC, uMnuz Ace Magashule noNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi uMnuz Mosebenzi Zwane bengaboshiwe mayelana nokuxhaphaza imali yabantu eFree State. UMagashule ubenguNdunankulu waseFree State kanti uZwane enguNgqongqoshe wezoLimo ngesikhathi okusolwa ukuthi kwaphuma ngaso izigidi zemali eyanikwa abakwaGupta.
“UMagashule onguNobhala-jikelele we-ANC bantshontshe imali bayidla bayiqeda nya, baze banika nomndeni wakwaGupta, wathenga ibhanoyi kodwa abantu bethu basahlupheka. Ngiziyele mathupha eFree State ngiyokhuluma nabantu basepulazini ngababuza ukuthi bebethenjisweni, bathi uMagashule noZwane babathembisa amasheya. Uma ubheka yilona leli pulazi okuntshontshwe imali yalo,” kusho uMaimane.
Uthe enye yemali eyanikwa lo mndeni iyona eyasetshenziswa ngesikhathi kushada ilungu lawo.
“Iyihlazo le nto eyenziwa abaholi be-ANC ukuthi bathathe imali yabantu abamnyama bayinike umndeni ocwasayo owathi awubafuni oweta abamnyama emshadweni wawo,” kusho uMaimane.
Ubuze ukuthi uKhongolose usho kanjani ukuthi umele abantu abamnyama ube ukwazi ukubantshontshela.
Uthe abaholi abaningi be-ANC bakhohlakele bafanelwe yijele.
“Noma uMengameli Jacob Zuma angakhishwa esikhundleni kodwa ngisazoya enkantolo ngiyommangalela ukwenza isiqiniseko sokuthi ugcina ezikhindini,” kusho uMaimane.
Uthe ufuna uZuma aboshwe nabo bonke abantu bakhe abekhohlakele nabo.
“Kumele bawashintshe la masudi kanokusho abawagqokayo, bafake umfaniswano wasejele,” kusho uMaimane.
Uthe alukho ushintsho oluzokuza noMnuz Cyril Ramaphosa njengoba sekunguye umholi ngoba ubevele ekhona kwenziwa inkohlakalo kodwa ethule.
“Kumanje asazi ukuthi ngubani ozothula inkulumo yesizwe kwi-ANC njengoba isinamakhanda amabili,” kusho uMaimane.
UMaimane ubezokhuluma nabantu baseNtuzuma efuna ukubezwa ukuthi bangamphathisani njengoba kuzoba nenkulumo yesizwe ezokwenziwa nguMengameli wezwe.