UPHUME esephelezelwa amaphoyisa umhloli obevalelwe ngabafundi befuna ngodli ukuhlolwa ukuthi abanayo yini iCoronavirus.
Abafundi baseNqabakazulu High KwaMashu, ngoLwesibili bavalele umhloli bedinwa ukuthi ufike engahambi nabasebenzi bezempilo ababhekelele ukuhlonza nokuhlolwa kwabanegciwane ekubeni kade bethenjiswe ukuthi bazofika.
Abafundi abafunda uGrade 12 bathi batshelwe ukuthi omunye wothisha unegciwane ngoLwesihlanu, kwangadalulwa ukuthi ungubani, obekuzobasiza ukuthi bazi ukuthi bake bathintana yini naye.
Omunye umfundi oficwe yileli phephandaba uthe kutholakala ukuthi uthisha unaleli gciwane nje, sekukathathu befika esikoleni amakilasi engahlanziwe, uma bebuza kuthiwe abahlanza esikoleni abafikanga.
“Siyayithanda imfundo kodwa impilo kithina ibaluleke kakhulu. Othisha bethu sathi uma sibacela ukuthi basichazele ukuthi njengoba kunothisha onegciwane yisiphi isinyathelo esilandelayo, bathi ababona ongoti balesi sifo akukho abazositshela kona, bahlala egumbini labo saze sahamba singatshelwanga lutho,” kusho yena.
Uqhube wathi ngoMsombuluko bafike bavala amasango befuna ukuthi abezempilo abawongoti bafike bazobachazela ngoba othisha bebethi abazi lutho.
“Sigcine siwavulile amasango ngoba kuthiwa nakanjani namhlanje (izolo) bazofika abasebenzi bezempilo bazosichazela. Umhloli ufike wangayiphendula imibuzo yethu washo lokho abefuna ukukusho kithina. Samcela ukuthi akaphume esikoleni ngoba akayixazululi inkinga esinayo. Siphumile esikoleni savala amasango samtshela ukuthi akasibizele ongoti abesithembise bona obekuthiwe bazofika. Asiqondile ukudelela othisha bethu kodwa siyazi ukuthi uma singangena emakilasini kanti sinegciwane singase singaqedi ukufunda,” kusho yena.
Uqhube wathi umhloli ubabizele amaphoyisa afike abadubula ngezinhlamvu zenjoloba.
“Umhloli ubone ukuthi abafundi abalwela amalungelo abo kumele badutshulwe kunokuthi alungise udaba lwethu. Thina siyayithanda imfundo uma sekulungisiwe esikhala ngakho sizobuyela emakilasini futhi sizimisele ngokufunda isikhathi esengeziwe ngoba siyazi ukuthi kube nesikhathi esilahlekile ngesikhathi kumisiwe ukwenziwa kwezinye izinto kuleli,” kusho yena.
UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela Mnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthe bakhuza umhlola ngabafundi abavalele umhloli esikoleni.
“Siyazi ukuthi kunovalo ngalesi sifo kodwa udaba lokugula komuntu udaba olubucayi okungelula ukuthi ludalulelwe wonke umuntu okuyisona sizathu esiholele ekutheni abafundi bangatshelwa ukuth yimuphi uthisha ohaqekile. Lesi akusona isikhathi sokuthi sikhombane ngeminwe kodwa yisikhathi sokuthi sesekane. Udaba lokuhlolwa kwesifo oloMnyango wezeMpilo, yibo abachazayo ukuthi ngubani okumele ahlolwe nokungamele ahlolwe. Abafundi asikho isidingo sokuthi bagolozele othisha bathi bafuna ukuhlolwa ngenkani. Abafundi siyacela ukuthi benze umsebenzi wabo bangagxambukeli emsebenzini wezempilo,” kusho yena.
Uthe njengomnyango zintathu izinto abazibheke kakhulu ukuthi izinsiza zokuphepha zikhona ezikoleni, ukuthi kuyafundwa njengoba kuke kwalahleka isikhathi nokuthi unyaka wokufunda ungalahleki.
“Impi asiyidingi ezikoleni, sidinga kufundwe
UCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe uthe abafundi bakulesi sikole babe nombhikiso okuholele ekutheni kubizwe uphiko lwamaphoyisa olulwa nodlame emphakathi.
“Amaphoyisa adubule laba fundi ngezinhlamvu zenjoloba ngenhloso yokubahlakaza , kubo akekho olimele noma oboshiwe,” usho kanje.