UHLAWULISWE izinkomo nezimbuzi ezimbili umnikazi wesitolo abasebenzi baso abakhumulisa owesifazane osonta kwaShembe isidwaba ngoba bemsola ngokweba.
Le nhlawulo yenziwe ukugeza umuzi walo wesifazane njengoba kuthathwa njengechilo nokumhlukumeza owesifazane ngokumkhumulisa isidwaba sakhe.
UNkk Ayanda Zungu (29), uMaMthethwa, waseMthunzini, ngoNovemba 11 kade esemsebenzini eopakisha impahla ngaphakathi kulesi sitolo esikhulu esiseMpangeni wabe eseseshwa ngabasebenzi emuva kwezinsolo zokuthi untshontshile.
Kwaphetha ngokuthi lo wesifazane akhunyuliswe isidwaba sakhe.
Elandisa Isolezwe, uthe uhlazekile ngalesi simo.
“Kwafika imenenja ngesikhathi ngisamile esitolo, ukuze impahla ebengizokhangisa ngayo ifakwe kahle. Yabe isingibuza ukuthi kungani ngimile? Yabe ingisola ngokuthi kukhona engikwebile. Yabiza enye imenenja, bobabili bathatha isinqumo sokuthi bayalele omunye umsebenzi wesifazane weNdiya ukuba ahambe nami aye egunjini elithize, angiseshe. Ngabaxwayisa ukuthi angivumelekile ukukhunyula isidwaba ngokosiko. Bangiphoqa ukuba ngisikhumule ukuze angiseshe. Abazange bangilalele noma sengibatshela ukuthi lokhu abakwenzayo akufanele,” kusho uNkk Zungu.
Uthe lo owamsesha, wamkhumulisa isidwaba wasibeka phezu kwetafula.
Ebona ukuthi akatholi lutho, wabe eseya kwimenenja wayazisa ukuthi akatholanga lutho. Bambuyisela isidwaba, wasigqoka wabe eseyovula icala lokwehliswa isithunzi emaphoyiseni.
Kuleli sonto kube nomhlangano wenyunyana, umgilwa, abesitolo nabamele izinhlaka ezehlukene emphakathini okubalwa nabefundisi, bezobhunga ngalolu daba.
“Sivumelene ngokuthi bazokhipha izinkomo ezimbili ukungihlawula. Eyokuqala inkomo nembuzi eyokuhlawula umndeni wami kwaMthethwa, inkomo yesibili nembuzi eyokuhlawula emzini engiganele kuwo kwaZungu ngalesi sigameko abasenzile,” kusho uNkk Zungu.
Uthe wamchazela umyeni wakhe ngalesi sigameko, wameseka kwaze kwaba sekugcineni.
Isolezwe lithole ngomthombo ongeke udalulwe ukuthi umnikazi wesitolo ukhiphe uR18 400 ngoLwesine ngeledlule.
“Le mali imele izinkomo nezimbuzi ezimbili. Umnikazi ubetshelwe ukuthi angakhipha imali noma alethe ngokwakhe lezi zilwane,” kusho umthombo.
Esitatimendeni esithunyelwe kwiSolezwe ngokuhlanganyela phakathi kwesitolo nenyunyana emele umgilwa iCimeshawu, umnikazi wesitolo ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe: “Siyisitolo sinqume ukulithathela phezulu lolu daba, sibambisene nomndeni womgilwa. Sikholelwa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bazo zonke izinhlanga kumele bafunde ngamasiko nemikhuba yabanye futhi bafunde ukubekezelelana. Uphenyo lwethu lwangaphakathi esitolo luyaqhubeka, uma seluphothuliwe sizothatha izinyathelo ezifanele ukuze sigcine igama lenkampani lisesimeni esihle.”
UMnuz Bheki Shabane onguNobhala weCimeshawu, uthe benelisekile ngokuthi kutholakele isisombululo ngaphandle kokuthi lufike ezithebeni zenkantolo.
“Okwenzeka kwaba isigameko esingesihle sokululaza umuntu wesifazane nesiko lakhe. Asifuni ukuphinde sibone izigameko ezifuze lezi.
“Ngenelisekile ukuthi namalungu omndeni wakhe alwamukele uxolo lwesitolo,” kusho uShabane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokwehlisa isithunzi mayelana nalolu daba eliphenywa amaphoyisa aseMpangeni.