UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uqoke uNgqongqoshe eHhovisini likaMengameli, uMnuz Mondli Gungubele, kwesokuba yinhloko yohlaka lwezokuPhepha kweZwe izolo.
UMENGAMELI wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uqoke uNgqongqoshe eHhovisini likaMengameli, uMnuz Mondli Gungubele kwesokuba yinhloko yohlaka lwezokuPhepha kweZwe, izolo.
Ngokwesitatimende esishicilelwe kwi-Website yeHhovisi likaMengameli, uRamaphosa, uthe lokhu ukwenza ngaphansi kwesiGatshana u-209 (2) soMthethosisekelo.
Uthe uMnuz Gungubele usezobhekana nomsebenzi wokubhekana ngqo nezindaba ezithinta ezokuphepha kwezwe.
Uthe lokhu bakwenza ngokuhambisa nesimemezelo sango-Agasti 5, esasithi udaba lukangqongqoshe wezokuPhepha kweZwe luzolungiswa maduze.
Ngesikhathi kwenziwa lesi simemezelo, kwathiwa ungqongqoshe uzohlala eHhovisi likaMengameli.
“Isigatshana u-209(2) soMthethosisekelo, esikhuluma ngezindaba zokuphepha kwezwe, sinika umengameli amandla okuthi ezobunhloli zibe wumthwalo wakhe ngqo, hhayi amaphoyisa noma uMnyango wezokuVikela,” kusho isitatimende.
UMnuz Zizi Kodwa uzoqhubeka nokuba yiPhini likaNgqongqoshe elibhekele ezokuPhepha kweZwe.
Ngo-Agasti, uRamaphosa wathi ufuna ukuqinisekisa ukuthi ezobunhloli zezwe ziyamvumela ukuthi asebenzise igunya lakhe lokuvikela isizwe.
Ngaleso sikhathi, uRamaphosa wamemezela ngokusungulwa kwethimba lochwepheshe ababezohlola ngezibhelu ezashiya kukhalwa KwaZulu-Natal naseGauteng.