INDLOVUKAZI yase-Afrika, uYvonne Chaka Chaka, ikhwele yadilika kuMampintsha ngezinsolo zokuhlukumeza uBabes Wodumo.
Lokhu ukwenze ngesikhathi enandisa emcimbini obuhlelelwe abesifazane iLadies First Music Festival, e-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoLwesine ebusuku.
UYvonne ubencoma igalelo labesifazane abasebancane abasendimeni yomculo, waveza nokuthi uyabathanda.
“Kungiphatha kabi ukuzwa kuthiwa kukhona ohlukunyezwayo kubaculi abasebancane njengoba bekwenza uMampinya (uMampintsha) kuBabes Wodumo. Ngicela nimtshele uMampinya ukuthi angampinyi uBabes. Uma eqhubeka nale nto uzompinywa yimina,” kusho uYvonne.
Ethintwa uMampintsha ukuthi aziphawulele ngokushiwo uYvonne, ubengalubambi ucingo lwakhe. Nomqhafazo athunyelelwe wona ugcine engawuphendulanga.
UYvonne uphinde wayala abesifazane ukuthi bazihloniphe ukugwema ukuhlukunyezwa abesilisa abathandana nabo.
Uthe ngaphandle kokuhlukunyezwa, bazothola nezifo uma bengaziphethe kahle.
“Kumele sibahloniphe obaba nabo basihloniphe. Ungathi uthandana nomuntu uphinde ube nekhwapha. Mina ngineminyaka engu-29 ngishadile futhi ngihleli kahle emshadweni wami ngoba ngizihloniphile. Uma ngibheka isitifiketi somshado wami akukho lapho kuvela khona usuku lokuthi uzophelelwa yisikhathi ngoba umshado awuphelelwa yisikhathi,” kuqhuba yena.
Lo mculi ubengomunye wabaculi abebenandisa kulo mcimbi wabesifazane obuhlelwe yiHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal njengoba kuyinyanga yabesifazane.
Ushiyelane inkundla namaciko ehlukene obekukhona uNaima Kay, Brenda Mtambo, Nokukhanya Dlamini, Hlengiwe Mhlaba, Berita, DJ Happy Gal, Mondli Ngcobo noBabes Wodumo.
UBabes Wodumo uvale lo mcimbi ngegiya eliphezulu njengoba eshiye abantu bemi ngezinyawo bejabulela into abeyenza esteji.