UCaptain Dumisani Zondi (42) waseMlaza kwa-P kuthiwa ugwazwe emhlane washonela endaweni yesigameko ngemva kokunqakisana ngamazwi nabebephuza utshwala esidlangalaleni.
Umfowabo kamufi, uMnuz S’thembiso Zondi, uthe ubuye ekhaya ngalo uLwesithathu njengenjwayelo waya koziqeqesha enkundleni yezemidlalo eseMontclair.
“Kuthiwa ngesikhathi bedlala ibhola, bekukhona idlanzana ebelihleli ngaphandle liphuza utshwala ebelibacokofula libathuka. Kuthe ngemva kokujima waya kubo wafika wabakhuza ukuthi bayeke ukuphuza esidlangalaleni ngoba akuvumelekile,” kusho uZondi.
Uthe kube nokuphakama komoya ngesikhathi laba bekhuzwa kangangoba osolwa ngokugwaza nomufi bebesho ukubambana ngezandla okuthe uma bekhuzwa waphenduka umufi ngenhloso yokuqhela eduza kamsolwa, esafulathele osolwa ngokubulala ukhiphe ummese wamgwaza emhlane.
“Ngifonelwe ngaphuthuma khona, ngeshwa ngafika esethuli. Omgwazile ubengasabonwa ngaleso sikhathi. Wenze into embi ngokubulala umuntu ngenxa yokungafuni ukukhuzwa. Umfowethu ubengaphethe lutho. Uma efika ekhaya ubekhumula umfaniswano ashiye nesibhamu somsebenzi endaweni ephephile bese uya kojima,” kubalisa uZondi.
Uthe umfowabo ubeseneminyaka engu-13 eyiphoyisa likaMasipla weTheku. Ngonyaka odlule ukhushulelwe esikhundleni sokubamba njengoCaptain esiteshini samaphoyisa kamasipala esise-Albert Park.
Okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku uSenior Superintended Parboo Sewpersad uthe uZondi ubeyiphoyisa elizimiselayo emsebenzini njengoba esanda kuvalela abashayeli bamatekisi ababili abebethuka amaphoyisa bewashaya edolobheni iTheku.
“Kusidumazile kwasiphatha kabi ukubulawa kwakhe. Ubeyiphoyisa elisebenzela umphakathi fuhi ushone esebenzela wona. Sizosebenza ngokubambisana namaphoyisa ophiko lweSAPS ukuze kuboshwe ombulele,” kusho uSewpersad.
Unxuse abanolwazi ngokwenzekile ukuba baveze umkhondo ngosolwa ngokubulala.
Okhulumela amaHawks KwaZulu-Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe oKlebe baphenya icala lokubulala. Ngesikhathi sokushicilela uthe bekungakaboshwa muntu kodwa amaphoyisa asezithendeni zomsolwa.